Ugqunywe esitokisini obhekene nelokubulala uMpho Mafole, 47
Image: Facebook
UThabani Goodwill Ntshalintshali, 40, obhekene necala lokubulala uMcwaningi Mabhuku waseKurhuleni uMpho Mafole, uvele eNkantolo yeMantshi yaseKempton Park.
Icala lihlehliselwe umhlaka-15 Agasti 2025 ukuze kuqhutshekwe nophenyo. UMbuso uthi, ngomhla ka30 Juni eKempton Park, umufi wayesuka emhlanganweni womsebenzi ngesikhathi elandelwa abahlali bakhe ngaphambi kokuba adutshulwe washonela endaweni yesehlo.
Ngokuhamba kwesikhathi, amaphoyisa alunywa indlebe ngemoto esolisayo endaweni, nokwaholela ekutheni iziphathimandla ziqale uphenyo olugcine lukhombe ummangalelwa.
UNtshalintshali ubhekene nelinye icala lokubulala elisazoqulwa mhlaka-12 no-19 Agasti 2025. Ngenxa yaleli cala elingakaphothulwa, uMbuso uzosiphikisa isicelo sebheyili. Uphenyo lusaqhubeka kanti kulindeleke ukuthi kuboshwa abanye. Ummangalelwa usagqunywe esitokisini kuze kube yilapho ephinde avela enkantolo.