Izindaba

Undunankulu uphawule ngokungazuzwa imiphakathi ngeDundee July

Simangaliso Ntshangase|Published

KUSUKELA kwesokunxele, nguMphathiwa woMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, uMnuz Mntomuhle Khawula, uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli neMeya kaMasipala wesiFunda uMzinyathi, iKhansela Thembisile Mchunu, bethamele umcimbi womjaho wamahhashi nezemfashini iDundee July eNdumeni Racecourse, eDundee, ngoMgqibelo

Image: FACEBOOK/ENDUMENI LOCAL MUNICIPALITY

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, usephonsele inselelo izakhamuzi zaseDundee namaphethelo ukuthi zikubeke emahlombe azo ukuqhamuka nezindlela namasu okusebenzisa umcimbi wakhona waminyaka yonke womjaho wamahhashi nezemfashini, iDundee July, ukuqhubeka kuthuthukiswe futhi kufukulwe umnotho wakhona.

UNtuli usho lokho ethula inkulumo yosuku kulo mcimbi obuseNdumeni Racecourse, eDundee, ngoMgqibelo, nobuwenziwe ihlandla lika-20 nonyaka, lapho edalule khona ukuthi kusemahlombe abantu bendawo ukwenza okukhulu kunosekwenziwe ngalo mcimbi.

“Lona wumcimbi wenu enaziqalela wona, nisuka nawo phansi njengoba usukuleli zinga okulona manje. Thina okwethu siwuhulumeni wukuqhubeka siwuxhase nje ukuthi uye phezulu kodwa okuningi kwawo kusemahlombe enu ukuwuthuthukisa uye phambili.

“Njengoba sizwile ukuthi izindawo zokulala zigcwele, kwaze kwaphoqeka ukuthi abanye abantu abeze emcimbini balalele ezindaweni ezikude kunalana, kuniphosela inselelo yokuthi kwandiswe ezinye izindawo zokulala eziseduze nakule ndawo ukwenzela ukuthi izinto zibe lula ebantwini abasuke befuna ukuza kule ndawo, okuzokwenza umnotho uze kinina ngqo, ungajikelezi njengoba sekucacile ukuthi izindawo zokulala kazenele,” kusho undunankulu.

Ikhansela lakuMasipala iNdumeni, lapho iDundee ikhona, uMnuz Mcebo Mkhize, lithe kuqhilika izihlathi njengoba bebona lo mcimbi ulokhu ukhula kanjena okukhombisa ukuthi abantu bakhona bayawuthakasela.

“Esikubonayo manje kukhomba ukuthi konke kuzohamba kahle kakhulu, kanti sibheke ukuthi senze inzuzo efinyelela ku-R100 million sisuka ku-R96 million wenzuzo yangonyaka odlule esiyenza ngalo mcimbi, futhi sizibophezele ukuhlale siseqhulwini labasiza ukuthi uye phambili ngoba uwusizo ebantwini abaningi nosomabhizinisi bakithi,” kusho uMkhize.

Nakuba kubambezelekile kancane ukuqala komcimbi ngenxa yomkhizo wemvula namakhaza, kepha kubonakale ukuthi abantu bayawuthakasela kakhulu njengoba beqhubekile nokuwuthamela likhiza futhi kubanda kunjalo kwaze kwaba yisemaphathelweni.