KUXWAYISWA abalimi ngesifo samatele kuleli
Image: Facebook
UZOSEBENZISANA nabalimi abakhiqiza ubisi uMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zasemaKhaya KwaZulu-Natal ukuzama ukunqanda ukubhebhetheka kwamatele.
Lokhu kushiwo wuMphathiswa walo mnyango, uNkk Thembeni Madlopha-Mthethwa ngeSonto, kulandela umhlangano abenawo nabalimi abakhiqiza ubisi e-Orange Grove Dairy, eDundee.
UNkk Madlopha-Mthethwa uveze ukuthi isiphakamiso sokuthi kube khona ukusebenzisana size emva kokubheduka kwamatele oThukela naseMzinyathi.
Uveze ukuthi umnyango uphezu kophenyo kulandela ukutholwa kwalesi sifo emapulazini amathathu akulezi zifunda ezimbili.
“Njengoba lesi sifo sesivele sibeke engcupheni impilo yabalimi bezinkomo, abakhiqiza ubisi bakhathazeke ngokufanayo njengoba umnyango uqhubeka nokwenza uphenyo ngezigameko zokubheduka kwalesi sifo emapulazini akhiqiza imikhiqizo yobisi eMzinyathi nasoThukela,” kusho uNkk Madlopha-Mthethwa.
Uthe kwenzeka lokhu nje, abamapulazi emikhiqizo yenyama yenkomo abebelokhu bengaphansi kwengcindezi, bekhahlamezekile, kusukela kubheduke amatele ngo-2021, njengoba kamumva nje lesi sifo sesibikwe nasemapulazini emikhiqizo yobisi.
“Amathimba omnyango aphansi phezulu, asebenzisana nezinhlaka ezehlukene kulo mkhakha, ukulawula isifo,” usho kanje.
Uthe njengohulumeni, bagqugquzela ukuthi kube khona ukubambisana nazo zonke izinhlaka ezithintekayo ukuthi kunqandwe isifo.
Uthe esebekwenzile bewumnyango wukuzama ukulawula isimo ukushaya umthetho wokuthi imfuyo inyakaze ngemvume ebhalwe phansi, wathi bayajabula ukuthi abalimi bayawuhlonipha lo myalelo.
Wethembise ukuthi wonke amaphuzu abekwe abalimi emhlanganweni, bazowahambisa embizweni ezoba sePitoli kuleli sonto, lapho kuzobe kudingidwa kabanzi ngalesi sifo.
Isikhulu esiphezulu e-Orange Grove Dairy, uMnuz Dave Durham, sithe inhloso yomhlangano nomnyango bekungukuthi kusungulwe ubudlelwano bokusebenza ngokubambisana bese kuqhanyukwa nezisombululo ukuze kunqandwe ukubhebhetheka kwesifo.
“Kufanele kwenziwe konke okusemandleni ukuqiniseka ukuthi lesi sifo asifiki emzileni womgwaqo owuthelawayeka uN3. Lo mgwaqo uyinhliziyo yomnotho wezwe, uxhumanisa ichweba laseThekwini nesizinda somnotho iGoli,” kusho uDurham.
Isifundazwe iKwaZulu-Natal siyikhaya lezimboni ezingu-16 ezikhiqiza imikhiqizo yobisi. Kuzona kukhona nenkulukazi eNingizimu Afrika iClover Industries Limited. Lokhu kwenza ukuthi isifundazwe sibalwe nezinye ezihamba phambili ngokukhiqiza imikhiqizo yobisi ngo-30% ezweni lonkana.
Selokhu abheduka amatele ngo-2021, kwaqalwa imigomo yemfuyo ngo-2022, zingaphezu kuka-700 000 izinkomo esezigonyiwe esifundazweni, ezingu-24 000 zazo, zigonywe esifundeni uMzinyathi.
Related Topics: