IZIDUMBU zabafi zimbozwe ngoblankethi eduze kwesigubhu sikagesi okusolwa ukuthi bebezoweba
Image: ETHEKWINI MUNICIPALITY
KUKHUZWA abakokotela ugesi, ubulala ngesihluku abesilisa ababili eLotus Park, eSiphingo, eThekwini, ngoLwesibili.
Izidumbu zabashonile ebezishe zangqongqa, zitholwe eduze kwesigubhu sikagesi esisekhoneni lezimpambano zomgwaqo uCocos Avenue noBauhenia Crescent.
Kubikwa ukuthi ngale kokufa kwalaba ababili, ugesi uphinde walimaza abanye ababili okubikwa ukuthi bebezoweba kanye nabafi.
Kuvela ukuthi inhlekelele yenzeke emva kokuqhuma kwesigubhu sikagesi.
Umqondisi osabambile emnyangweni wezamandla, i-Energy Management Directorate, kuMasipala weTheku, uMnuz Philani Shange, wexwayise umphakathi ngokwebiwa kukagesi kanjalo nokucekelwa phansi kwengqalasizinda.
“Izinsolo zithi bebentshontsha ugesi, becekela phansi ingqalasizinda yawo ebalulekile, kwase kwenzeka inhlekelele,” kusho uShange.
Uthe abakutholile ukuthi ukuqhuma kukagesi kudalwe ukuphazanyiswa okungafanele kwengqalasizinda yezintambo zikagesi ezinomlilo, wathi inhloso yabo bekuwukucekela phansi ingqalasizinda kanti kuzoqhuma umlilo ogcine ubulala ababili, walimaza nababili.
Uthe lokhu kuyisikhumbuzo esibuhlungu sokuthi izenzo zokweba ugesi nokucekela phansi ingqalasizinda azigcini nje kuphela ngokuphazamisa ukuhlinzekwa komphakathi ngogesi kodwa kuphinde kubeke engcupheni impilo, okufaka phakathi leyo yalabo abasuke benza lobu bugebengu.
UShange uthe umasipala uyayigxeka kakhulu indaba yokuthikanyezwa kwengqalasizinda, wanxusa umphakathi ukuthi ubambe iqhaza ekugadweni kwengqalasizinda.
“Abantu bayanxuswa ukuthi babike izinhlaka zomthetho ngokushesha uma bebona izenzo ezisolisayo, noma uma bebona izimpawu zokuthikanyezwa kwengqalasizinda,” usho kanje.
Udalule ukuthi isigameko siholele ekutheni kuthikamezeke ugesi endaweni, nokho ogcine ulungiswa.
Uthe nesigubhu sikagesi esithikamezekile, bazosilungisa, basifake i-transformer entsha.
Police comment...
Related Topics: