Uboshiwe odubule wabulala ubaba wengane nentombi yakhe eyiphoyisa
Image: Sigciniwe
LIFE ngesihluku iphoyisa lesilisa nelesifazane eMbayimbayi Location, eMurchison, ePort Shepstone, bedutshulwa bebulawa ngowesifazane naye oyiphoyisa ngoLwesihlanu.
Kulesi sigameko okusolwa ukuthi esombango wezothando, kushone uConstable Mxolisi Lucas Hlophe (34) noConstable ST Groom, igama lakhe elingatholakalanga. Bobabili kuthiwa bebesebenza esiteshini samaphoyisa iGamalakhe, kuthi umsolwa naye ongu-constable, usebenza kwesasePort Shepstone.
Ngokusho komthombo osemaphoyiseni, amaphoyisa abizelwe endaweni yesigameko kulandela isehlakalo sokudubula.
Umthombo uthe isehlakalo senzeke kukhona umfowabo kaHlophe.
“Umfowabo utshele amaphoyisa ukuthi umufi (uMxolisi) ubeqeda kufika ekhaya ngemoto yakhe ngesikhathi ezwa kuqhuma isibhamu emnyango. Ugijime wayobheka, wabona umfowabo edutshulwa wunina wengane, naye oyiphoyisa,” kusho umthombo.
Uveze ukuthi umfowabo ubehamba nentombi yakhe, nayo edutshulwe wumsolwa, kodwa yakwazi ukubaleka.
“UHlophe, okuthiwa ubedutshulwe amahlandla amaningi, uphuthunyiswe esibhedlela iMurchison, nokuyilapho efike washonela khona,” kusho umthombo.
Uqhube wathi ngesikhathi amaphoyisa esasesibhedlela obese kushonele kuso uHlophe, kungene ucingo luvela kumakhelwane wasesigamekweni, ethi intombi isitholwe esikhotheni, inenxeba lokudutshulwa.
“Ibe isiphuthunyiswa esibhedlela esifanayo nayo, nokuyilapho efike yashonela khona,” kusho umthombo.
Uthe umsolwa ube esecingwa, watholwa nesibhamu sakhe somsebenzi.
Okhulumela amaPhoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa asePort Shepstone abophe iphoyisa elingu-Constable ngecala lokubulala iphoyisa okukholakala ukuthi linguyise wengane yakhe nelinye okusolakala ukuthi beliyintombi yakhe eMbayimbayi Location, eMurchison.
“Kuthiwa umsolwa uye ekhaya elithile lapho athole khona uyise wengane yakhe nomunye wesifazane, wavulela ngenhlamvu kubona bobabili ngaphambi kokuthi ahambe endaweni yesigameko,” kusho uNetshiunda.
Uthe abafi bobabili baqinisekiswe njengasebeshonile ngesikhathi befika esibhedlela.
“Umsolwa uboshiwe, kulindeleke ukuthi avele enkantolo ngoMsombuluko (esho namuhla),” kusho uNetshiunda.
Imizamo yokuthola imindeni yabafi ayiphumelelanga, isihlobo sikamufi (uHlophe) sikhale ngokuba matasa, sacela ukuthi sifonelwe ebusuku.
Related Topics: