Izindaba

Belinikwe incwadi yesivimbelo iphoyisa 'elibulele' elinye nentombi

Zimbili Vilakazi|Published

BESE lihlukene nonina wengane, laze lamenzela ngisho nencwadi yesivimbelo ukuthi angafiki kubo iphoyisa okuthiwa ulidubule nentombi entsha eMbayimbayi Location, eMurchison, ePort Shepstone, ngoLwesihlanu.

Image: Sigciniwe

BESE lihlukene nonina wengane, laze lamenzela ngisho nencwadi yesivimbelo ukuthi angafiki kubo iphoyisa okuthiwa ulidubule nentombi entsha eMbayimbayi Location, eMurchison, ePort Shepstone, ngoLwesihlanu.

Lokhu kuvezwe ngumfowabo kamufi, uMnuz Ayanda Hlophe.

Esigamekweni okukholakala ukuthi besiwumbango wezothando, kubulawe ngesihluku uConstable  Mxolisi Lucas Hlophe (34) noConstable ST Groom, igama lakhe elingatholakalanga.

Bobabili abashonile kuthiwa bebesebenzela esiteshini samaphoyisa iGamalakhe, kuthi umsolwa uConstable Ntombethemba Mgidi, asebenze kwesasePort Shepstone. 

UHlophe utshele Isolezwe ukuthi kwenzeka isigameko nje, bekungakapheli sikhathi esingakanani umfowabo etholele umsolwa incwadi yesivimbelo.

“BenguwuJuni kuwo lo nyaka, ngesikhathi umsolwa efika ekhaya, ezohlasela umfowethu. Wamlimaza ngenkomishi efayo. Kwakungemumva kwaleso sigameko lapho umfowethu amala khona, wase emtholela le ncwadi yesivimbelo,” kusho uHlophe.

Uthe zikhona nezinye iziwombe zodlame ezikhonjiswe umsolwa ngaphambi kwalokho, ezaholela ekutheni umndeni ungamnambithisisi kahle.

“Ubevele afike alwe naye phakathi egcekeni ekhaya, angabi nandaba ngisho nokuthi nathi sikhona,” usho kanje.

Uvumile ukuthi umfowabo nentombi yakhe entsha umsolwa ubadubule phambi kwakhe.

“Bathe befika, umfowethu wabona ukuthi nangu unina wengane yakhe esangweni. Uye kuyena eyomtshela ukuthi akahambe, akadingeki, nokuyilapho amdubule khona, amahlandla amaningi,” usho kanje.

Uqhube wathi umsolwa uthe eseqedile ukudubula umfowabo, wanikela kuConst Groom, wamdubula naye. 

Kuthiwa uConst Groom uphume wabaleka, kwasala uConst Hlophe, ophuthunyiswe esibhedlela kuqala.

Kuvela ukuthi ufike washonela khona eqeda kufika.

Kungene ucingo lwabebesesibhedlela lubazisa ukuthi uConst Groom olimele kanzima utholwe esikhotheni ngasendaweni yesehlo.

Kuthe uma ephuthunyiswa esibhedlela naye, wafike washonela khona.

UHlophe uveze ukuthi ingane kamfowabo nomsolwa ineminyaka emibili, wathi bahlangana ekolishi lamaphoyisa eminyakeni emihlanu edlule.

Uthe umsolwa ongowokudabuka e-Eastern Cape, ubeqashe ngakubo kayise wengane, esondezela umsebenzi. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, phambilini ubekuqinisekisile ukuthi amaphoyisa asePort Shepstone, abophe iphoyisa elingu-constable ngecala lokubulala iphoyisa okukholakala ukuthi linguyise wengane yalo nelinye okusolakala ukuthi yintombi yakhe eMbayimbayi Location, eMurchison.

“Kuthiwa umsolwa uye ekhaya elithile lapho athole khona uyise wengane yakhe nomunye wesifazane, wavulela ngenhlamvu kubona bobabili ngaphambi kokuthi ahambe endaweni yesigameko,” kusho uNetshiunda.

Uthe abafi bobabili baqinisekiswe njengasebeshonile ngesikhathi befika esibhedlela. 

Umsolwa kuthiwa uvelile enkantolo.