Umphathiswa kaCogta uzosiza ukungcwaba ababhubhe emjondolo Road
Image: Sithunyelwe
UMNYANGO wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, ozothwala izindlelo zokugcwaba babili abashone kuqubuka umlilo emijondolo ekuKennedy Road, eThekwini ngoMgqibelo.
Lokhu kushiwo nguMphathiswa uMfu. Thulasizwe Buthelezi, ngesikhathi ehambele le ndawo ukuyozibonela umonakalo owenzeke kule ndawo noshiye ingqwaba yabantu besele dengwane.
Lo mnyango uqinisekise kushe imijondolo engu-95, kwadlula emhlabeni owesifazane oneminyaka engu-26 nengane enezinyanga ezingu-18.
Umfu Buthelezi, uzwakalise ukukhathazeka ngokwanda kwezigameko zokuqubuka komlilo kulezi zindawo zokuhlala njengoba sekungumlilo wesine lona ezinyangeni ezimbili.
"Kubalulekile ukuthi niqekelele uma nisebenzisa izimbawula noma yiluphi uhlobo lokuzifudumeza. Safaka lokhu okukhalayo makunentuthu (smoke dectator), ngoba senzela ukuthi kuhlengeke impilo yabantu bakithi. Kulokhuke bekungekho obekungenziwa ngoba bebekhiyelwe abantu abashonile nokuyinto nayo esiyikhuzayo," kusho uButhelezi.
Ngesikhathi ehambele kuKennedy Road, uye kobhonga emsweneni emindenini yabashonile wathi uMnyango wakwaCogta uzokwenza konke okufanele ukuqinisekisa ukuthi bangcwatshwa ngesizotha.
Lapha ubehamba nezinhlaka ezahlukene nazo eziphinde zalula isandla ukusiza abathintekile ukuze balale bedlile.
Uthe uzoxoxisana nomasipala weTheku ngodaba lwabahlali bakuKenney Road ngoba kuningi ukungenelela okudingakalayo njengoba nendawo abahlala kuyona iphinde ibe nemfucuza eningi engaqoqiwe.