UMSUNGULI weMarch In March Movement, uJacinta Ngobese-Zuma, ekhuluma komunye wemikhankaso yokulwa nabakwamanye amazwe abaseNingizimu Afrika ngokungemthetho
Image: DOCTOR NGCOBO/Independent Newspapers
BAKHWELE badilika kuMphathiswa wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane, ezinkundleni zokuxhumana, kulandela ukumemezela kobewumsazi weVuma FM, uJacinta Ngobese-Zuma, ukuthi lesi siteshi sesimkhombe indlela. Nokho uMnyango wezeMpilo ukuchithile lokhu izolo ebusuku.
UJacinta uphanyeke isitatimende esimemezela lokhu ekhasini lakhe kwiFacebook izolo emini.
Kusona uveza ukuthi ngoLwesibili olwedlule, umqashi wakhe umnikeze incwadi ebimtshela ukuthi inkontileka yakhe yokusebenzela isiteshi inqanyuliwe ngaphandle kokumbekela isizathu.
“Sekufikile ezindlebeni zami ukuthi kungene isikhalo ngenhlangano engaphandle noma ngomuntu othile,” kusho uJacinta.
Uthe okwamanje ngeke ande kakhulu ngemininingwane yaleso sikhalazo.
UJacinta, ebonga kubaphathi beVuma FM ngethuba leminyaka emihlanu kanjalo nakubalaleli bakhe, uthe izwi lakhe lizozwakala kuze kube uJulayi 31, kulo msakazo.
Ekhuluma nabenhlangano yakhe iMarch In March uthe abangapheli moya noma ngabe lungakanani unya olubhekiswa kubona.
Komunye umbhalo awuphanyeke ekhasini lakhe uthe washo ukuthi uzolilwela leli zwe, wathi uyazi ukuthi uhamba phambili kule mpi ngakho ubekulindele lokhu okwenzekayo.
“Senginesikhathi esanele manje ukubhekana neMarch In March. Asande, nakwezinye izifundazwe, izwe lethu liyasidinga,” kusho uJacinta.
Jacinta Ngobese Isithombe: Doctor Ngcobo/African News Agency(ANA)
Image: Doctor Ngcobo/African News Agency(ANA)
Umholi we-ActionSA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, uphanyeke ukuphawula kwakhe kwiFacebook ngalolu daba, wathi kubuhlungu ukuthi kuthelwe inhlabathi ephalishini lomuntu olwela iNingizimu Afrika.
“Mina ngiyamazi kodwa lo mphathiswa ononya futhi ngizosuke ngimusho. Waze wanenhliziyo embi kodwa nakuye ngeke kuhlale kunje,” kusho ukuphawula kukaMncwango.
Usole iVuma FM ngokuba ntekenteke, wathi ivumele ukutshelwa nokusatshiswa.
Bebeka izimvo zabo abantu kulokho kuphawula, bavele bagagula umphathiswa abacabanga ukuthi wuye owenze lokhu.
USbo Ka-Ntsusha Zitha uthe: “Manje sekumele simashele uNomagugu Simelane, ngalesi senzo sakhe. Kulindweni vele?”
UNcamoh KaMnyandu Shongwe uthe: “Leso sikhalo koba kancane singaveli kusisi wakwezempilo.”
Ethintwa uMncwango uthe nakuba engeke alisho manje igama lomphathiswa kodwa ungowesifazane futhi wenze lokhu ngenxa yemibhidlango yeMarch In March.
“Abantu abayeke ukusebenzisa kabi amandla abo esikhashana. Kubuhlungu ukuthi ingane yomuntu iphelelwe umsebenzi ngoba wena ulwele owakho. Kubuhlungu futhi uma lokhu kuzokwenziwa umuntu wesifazane komunye wesifazane,” kusho uMncwango.
Uqhube wathi umphathiswa akhuluma ngaye uhambe ngemumva, wayofaka ingcindezi kwiVuma ukuthi uma ingamxoshi uJacinta, umnyango uzozihoxisa zonke izikhangiso zawo kulesi siteshi.
“Siyazi ke ukuthi imisakazo iphila ngezikhangiso ngakho sibona iVuma ibeke phambili imali,” kusho uMncwango.
UJacinta usekhaleni lenhlangano iMarch In March elwa nokuthi abantu bakwamanye amazwe abaseNingizimu Afrika ngokungemthetho bangavunyelwa ukusebenzisa izinsiza zikahulumeni. Useke wahola umbhikisho wokuthi baxoshwe ezweni, babuyiselwe emazweni abadabuka kuwo.
Okhulumela iVuma ufoneliwe futhi wathunyelelwa nomyalezo kwiWhatsApp kepha wangaphendula.
UMPHATHISWA woMnyango wezeMpilo, uNksz Nomagugu Simelane
Image: SITHUNYELWE
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnuz Ntokozo Maphisa, uthe umnyango ukhathazekile ngokuqagela kwabezindaba nokuphawula kwabantu ezinkundleni zokuxhumana ngezinsolo zokuthi uyathinteka ekuxoshweni komsakazi weVuma FM.
“Sifuna ukucacisa ukuthi umnyango awunalo igunya, ukugqugquzela noma intshisekelo ezindabeni zokuqashwa kwabantu ezinhlanganweni zabezindaba nanoma yiziphi ke ezinye ezinhlangano ezingaphandle,” kusho uMaphisa.
Uthe nanoma yikuphi ukuqagela ukuthi bayathinteka ekunqanyulweni (kwenkontileka) yomsakazi kungamanga aluhlaza.
Uthe bayakuhlonipha ukuzimela kwazo zonke izinhlangano ezizimele okufaka phakathi neVuma FM, uma zithatha izinqumo zazo zangaphakathi ezithinta izisebenzi.
Uqhube wathi lezi zinsolo kubukeka zisuka olwazini olungelona futhi ziyadabukisa.
“Umnyango ugxile emsebenzini wawo wokubhekelela ezempilo, ngeke uphazanyiswe izinsolo ezingaqinisekisiwe,” usho kanje. Unxuse abezindaba nomphakathi ukuthi bayeke ukubhebhethekisa ukuqagela okungaqinisekisiwe, baqinisekise iqiniso ngendlela efanele.