Izindaba

Undunankulu uncome uGumbi ngokusondeza abantu kuNkulunkulu ngamancoko

Nonkululeko Nhlapo|Published

Undunankulu uMnuz uThami Ntuli enkonzweni yesikhumbuzo kaSD Gumbi emi nabaculi bokholo

Image: Sithunyelwe

UNdunankulu waKwaZulu-Natal uThamsanqa Ntuli uhlanganyele nezinkulungwane zamakholwa nabaholi bezenkolo ukuvalelisa uqolothakamango kamoya ongasekho, uMbhishobhi S.D. Gumbi, enkonzweni yesikhumbuzo ebibanjelwe esontweni iGod Never Fails, eThekwini, ngeSonto, emini.

Ethula inkulumo uNdunankulu uNtuli uchaze uMbhishobhi Gumbi njengomuntu oqavile owaluka umculo, amahlaya kanye nenkulumo ewumfanekiso ukuze adlulisele umyalezo wezintshumayelo zakhe ezithinta inhliziyo.

"Ngezintshumayelo zakhe, ebezisakazwa ohlelweni lukaNkulunkulu Nomuntu Omusha, Ukhozi FM, izinkulungwane zabantu zamukele uKristu njengeNkosi noMsindisi futhi zagwema ukungena ezindleleni ezinhlanhlathayo.

“UMbhishobhi Gumbi ubeyinceku yeNkosi ezinikele eqhubekisela phambili ubumbano, ubuzalwane kanye nobuzalwane phakathi kwezinkolo ezehlukene, wayaziwa ngokuzinikela kwakhe okungaguquki ebuholini bomoya, ukuthuthukiswa komphakathi, ukuvuselelwa kwezimilo, nokwakha ukuthula ezifundazweni nasemazweni angomakhelwane,” kusho uNdunankulu uNtuli.