UMSUNGULI welinye lamaqembu ebhola ahlonishwayo nathandwa kakhulu ezweni, iKaizer Chiefs, uDkt Kaizer Motaung, uphonsele inselelo izitshudeni wathi azisebenzise imfundo yazo ukuza nokwenza umehluko obonakalayo nozoba wusizo emiphakathini eziyakhele.
UMotaung usho kanjalo ngesikhathi ethula inkulumo emcimbini obuseWits Great Hall, eGoli, ngoLwesibili, lapho ehlonishwe khona yisikhungo semfundo ephakeme, iWits University, ngeziqu zobudokotela iHonourary Doctrate in Commerce, ukumhloniphela umsebenzi omuhle asewenzile ezweni.
“Yibani yizibani zemikhakha ehlukene ngendlela yenu, nilwele ukuthi ninqobe zonke izinselelo enibhekana nazo empilweni yenu, bese nisebenzisa amakhono enu ukwenza umehluko emphakathini wezindawo eniphuma kuzona. UDkt Nelson Mandela wasifundisa ukuthi imfundo yisikhali esinamandla esingasisebenzisa ukushintsha umhlaba, ngakho nani nginicebisa ukuthi nenze kanjalo ukuqhakambisa nokuthuthukisa ezemidlalo, ezemfundo nezomnotho bese nisebenzisa ulwazi eniluthola lana ukuthuthukisa abanye abeza emva kwenu,” kusho uMotaung.
USIHLALO weKaizer Chiefs uDkt Kaizer Motaung ehlonishwa ngeziqu zobudokotela yiWits University ngoLwesibili
Image: FACEBOOK/KAIZER CHIEFS
Ushansela waseWits University, uDkt Judy Dlamini, uncome amagalelo kaMotaung ekusebenziseni ezemidlalo ukuguqula umhlaba nokwenza umehluko emphakathini, ezweni nasemhlabeni jikelele okwenza iqembu lakhe, eliteketiswa ngokuthi Amakhosi For Life noma ngokuthi yiGlamour Boys, libe semaqenjini ahlonishwayo emhlabeni jikelle, athi kwenze babona kukuhle ukuthi kube khona abakwenzayo ukumhloniphela amagalelo akhe.
UMSUNGULI weKaizer Chiefs uDkt Kaizer Motaung ethula inkulumo emcimbini wokuthweswa iziqu weWits University, lapho ehlonishwe khona ngeziqu zobudokotela ngoLwesibili
Image: FACEBOOK/KAIZER CHIEFS
Uhambo lukaMotaung ebholeni lezinyawo lwaqala eneminyaka ewu-16 esadlalela izimbangi ezinkulu zeqembu lakhe manje i-Orlando Pirates. Ngo-1968 wathola ithuba lokuhlolwa ikhono kwinhlolokhono eyayiseZambia, okwalandelwa wukuthi ayodlalela iqembu laseMelika i-Atlanta Chiefs - okwathi esesungula iqembu lakhe ngo-1970, wasusela kulona igama lalo.
Kuningi nokunye akwenzele ibhola lakuleli zwe kubalwa nokuba yingxenye yethimba elalikhankasela ukuthi iNingizimu Afrika isingathe umqhudelwano weNdebe yoMhlaba eyayikuleli zwe ngo-2010, okwakungokokuqala ukuthi isingathwe ezweni lase-Afrika.