Kungqongqe imijondolo kuKennedy Road ngokusa kwangoMgqibelo
Image: Sithunyelwe
Umphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, usethume amathimba abhekelele izinhlekelele, ehambisana nozakwabo bezenhlalakahle kwezinye izinhlaka zikahulumeni ukuyosiza umphakathi wasemijondolo yaseKennedy Road, eThekwini, kulandela ukuqubuka komlilo oqubuke ezintatha zangoMgqibelo.
Ibalelwa ku-122 imijondolo ecekeleke phansi kulo mlilo odlule nemiphefumulo kamama nengane enonyaka owodwa.
Amathimba ezinhlekelele aqhubeke nokusiza abahlali basemijondolo yakuKennedy Road
Image: Sithunyelwe
UMfu uButhelezi udlulise amazwi enduduzo emndenini oshonelwe waphinde waqinisekisa umndeni ukuthi uMnyango uzoweseka ngokugcwele kulesi sikhathi esinzima.
Amaathimba ezinhlekelele akhona njengamanje, ahlola, anikeza usizo olusheshayo, futhi axhumanisa noma yiluphi usizo lwabahlukumezekile.