ESINYE sezikhondlakhondla sezinkampani zezokudla ezihlonishwayo ezweni iKnorrox ikhumbule owayenguMengameli wokuqala wentando yabantu uDkt Nelson Rolihlahla Mandela ngokuhambela umphakathi wezindawo ezahlukene, unikala ngokudla ebantwini.
Lokhu kwenzeke ngoLwesihlanu lwangoJulayi 18, usuku olwaziwa ngokuthi Mandela Day - lapho okuyaye kwenziwe khona izinhlelo ezahlukene ukukhumbula uTata ngokuthi kube khona into umuntu ayenzayo imizuzu ewu-67 ngalelo langa, okuyindlela yokuhlonipha leli qhawe lomzabalazo, elashona ngoDisemba wango-2013, elahlala iminyaka ewu-67 ejele.
Ukufakazela lowo mbono, iKnorrox iqhube umkhankaso wayo ewubiza ngokuthi We Give A Bull Campaign, abaqonde ukuthi ngawo banika amandla - ngokuhambela KwaDukuza, KwaZulu-Natal; naseGqeberha, e-Eastern Cape, ukunikela ngokudla ebantwini abakudingayo.
BEZIBUYA kanje isikhondlakhondla sokudla sinikela emphakathini waKwaDukuza ngoLwesihlanu lweMandela Day
Image: SITHUNYELWE
Imenenja yophiko lwezokumaketha e-Unilever, ephethe imikhiqizo yeKnorrox, uNkk Thobeka Mkhize-Goba, uthe lo mkhankaso bawenze ngoba beqonda ukuthi baningi kangakanani abantu abaswele ukudla, nabahaqwe wububha ezweni, yingakho kuhlale kusemkhondweni wabo ukuthi kube khona abakwenzayo ukuphosa esivivaneni.
IMENENJA yophiko lweokumaketha e-Unilever uNkk Thobeka Mkhize-Goba
Image: SITHUNYELWE
"Lo mbono ufakazela ukuzibophezela kwethu ukuthi sixhase abantu abeswele ukukhombisa ukubakhathalela nokubanakekela, esikholwa wukuthi kuzobuyisa ithemba lokuthi ngelinye ilanga izinto zizogcina zilunga kulaba ezingakalungi kubona," kusho uNkk Mkhize-Goba.
BEZIBUYA kanje abesikhondlakhondla senkampani yemikhiqizo yokudla iKnorrox inikela emphakathini waKwaDukuza ngoLwesihlanu lweMandela Day
Image: SITHUNYELWE
Uthe abagcinile lana njengoba besahlela ukuthi bahambele ezinye izindawo ukunakekela abantu, futhi banikele ngosizo lwezinto ezahlukene abazidingayo ukuthi baqhube impilo; okungaba wukuxhasa amabhizinisi abo, nokunye okweyamene nalokho.
"Sinxusa nabanye bezinye izinhlaka zohulumeni nezizimele nabaholi bomphakathi ukuthi nabo babambe iqhaza ezinhlelweni ezifuze lolu ukusiza ukubuyisa isithunzi sabantu abaswele ukuze impilo ingabi wumthwalo kakhulu kubona kubhekwe phambili," usho kanje.