Izindaba

Bakhalela ithambo 'lowathunjwa ngabendawo abaziwayo'

Zimbili Vilakazi|Published

UKHAYELIHLE Hlatshwayo ongaziwa ukuthi ukuphi kulandela 'ukuthunjwa'

Image: SITHUNYELWE

USUKHALELA ukuthola noma yithambo lothandiweyo wawo, osekuyophela iminyaka emibili "athunjwa ngabantu bendawo abaziwayo", umndeni waseKhombe, eMazizini, eBergville. 

UKhayelihle Hlatshwayo kuthiwa wathunjwa abantu bendawo abaziwayo efunda uGrade 10 esikoleni iTholithemba High ngoSepthemba 1, 2023. 

Ngokusho kukayise, uMnuz Mqiniseni Hlatshwayo, abasolwa balapho owayevame ukubamba khona itoho lokwakha izitini uma kuyimpelasonto, bafika bamcaphuna ngaphandle kwesikole ayefunda kuso bamfaka emotweni ababehamba ngayo.

Uthe kuthiwa baya naye ekhaya labo lapho abafike bamshaya khona ngaphambi kokuba baye naye ehlathini lendawo, eselimele.

“Kuthiwa babemsola ngokweba isibhamu sakhona, okuthiwa salahleka egcekeni,” kusho uHlatshwayo.

Uthe likhona ilungu lomphakathi elabatshela ukuthi abasolwa ababexhakathise indodana yakhe  bazithela phezu kwalo ehlathini liyolanda izimbuzi zalo.

“Wasitshela ukuthi umfana wami uphunyukile, wazomtshela ukuthi uthunjiwe. Washo ukuthi abathumbi bamfuna isibhamu abathi usebe ngesikhathi ezosebenza egcekeni labo,” kusho uHlatshwayo.

Uveze ukuthi lona wesilisa wabatshela ukuthi uKhayelihle, owabuye wabanjwa abasolwa, wayelimele.

Udalula ukuthi lolu lwazi baludlulisela emaphoyiseni, aqinisekisa ukuthi ngesikhathi eyophenya ekhaya labathintekayo kanjalo nasemotweni okuthiwa kwathunjwa ngayo umufi kwaficwa igazi.

Uthe baboshwa abasolwa kodwa iNkantolo yeMantshi yaseBergville yabadedela, ithi abukho ubufakazi obenele ukuthi kungashushiswa.

“Phakathi kwezizathu eyazibeka, esokuthi njengoba isidumbu sikaKhayelihle singakaze sitholwe, akekho onesiqiniseko sokuthi wabulawa,” kubeka uyise kaKhayelihle.

Uthe lokhu kwabalimaza njengomndeni ngoba bonke ubufakazi babukhomba ukuthi abasolwa babazi ukuthi uKhayelihle uphi.

Uthe lokhu ukusho ngoba ngesikhathi beya emzini othintekayo, beyobuza ukuthi uKhayelihle uphi, umnikazi womuzi wabatshela ukuthi abakhululeke "ingane izobuya".

Uthe unomuzwa wokuthi ezobulungiswa zibenzele phansi ngokudedela abasolwa ekubeni indodana yakhe ababeyithumbile ingakaze ibuye.

“Ngoba bonke ubufakazi bebukhona. Akukho esingakuhambisanga emaphoyiseni. Sajabha uma inkantolo ibadedela egameni lokuthi ubufakazi abeneke ukubashushisa,” usho kanje.

Uthe asebekukhalela ukuthola ithambo lendodana yakhe ukuze bayifihle ngesizotha.

“Ngiyazi ukuthi amathuba okuthi iyaphila awekho. Engikucelayo ukuthi okungenani basho ukuthi bayigqibaphi,” kusho uHlatshwayo.

Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakaphenduli.