UNKSZ Nelisiwe Nompilo Thusini osolwa ngecala lokuklinya, abulale izingane zakhe ezimbili evele eNkantolo yeMantshi yaseMlaza
Image: NOMONDE ZONDI
UZOHANJISWA kudokotela ohlola ingqondo owesifazane waseMsinga, oboshelwe icala lokuklinya, abulale izingane zakhe eSankontshe, eNgonyameni, eMlaza, ngoMsombuluko.
Umsolwa, uNksz Nelisiwe Nompilo Thusini (28), ubevele eNkantolo yeMantshi yaseMlaza izolo, kulandela ukuboshwa kwakhe ngoLwesibili.
Kuthiwa waklinya wabulala indodana yakhe ebizohlanganisa izinyanga ezimbili izelwe, uNqobizitha Thusini nendodakazi yakhe ebineminyaka emibili, uNozibusiso Thusini.
Izidumbu zabafi zatholwa abantu ababedlula ngendlela, zisongwe ngoblankethi owodwa, zashuthekwa inombolo yocingo kagogo wabo kanjalo nekayise.
Evela enkantolo izolo ubezifihle ubuso ngesigqoko, amehlo ebonakala kancane.
Isandla sobunxele besingasuki ebusweni uma ehleli phansi kanjalo nangesikhathi esemi phambi kwemantshi.
UNKSZ Nelisiwe Nompilo Thusini osolwa ngokuklinya abulale izingane zakhe
Image: NOMONDE ZONDI
Ubegqoke izingubo nezicathulo okumthuqasi, ungafunga ukuthi uvuka esikhotheni.
Emva kokuveza ukuthi uzodinga ummeli kahulumeni, ummeli uNkk Shamika Sahdeo usukume waya kuye eyothola imininingwane yakhe.
Isolezwe lizwe eqinisekisa ukuthi uneminyaka engu-28 futhi akasebenzi.
Kuthe uNkk Sahdeo esembuza ukuthi unezingane ezingaki waphendula ngelithi: “angazi”.
UMbuso ngomlomo kaMnuz Khulekani Mzotho uthe ucela lihlehliswe icala ngezizathu ezimbili azibekile.
“Phakathi kwazo wukuthi sifuna athunyelwe kudokotela wesifunda ohlola ingqondo,” kusho uMzotho, esinye esokuthi afake isicelo sebheyili.
ABASHONILE, uNqobizitha noNozibusiso Thusini
Image: SITHUNYELWE
Uzwakalise ukuthi uma uNksz Thusini esefaka isicelo sebheyili, uMbuso uzosiphikisa ngoba ukholwa wukuthi angalibalekela icala.
Kuthe utolika esemtolikela ukuthi uMzotho ubethini, uNksz Thusini oke wathula isikhashana, waphendula ngokubuza ukuthi kukhona yini utolika ambuza khona, utolika wamtshela ukuthi akukho, ubemhumushela obekushiwo.
Imantshi, uMnuz Gqada ithe icala ilihlehlisela uJulayi 24 ukuze uNksz Thusini ayohlolwa ingqondo nokuthi azofaka isicelo sakhe sebheyili.
Enkantolo yomibili imindeni, owakubo kwabafi (ohlangothini lakubo kayise wabafi) nowakubo kamsolwa, ibingabonwa.
Bekukhona amalungu omphakathi ambalwa, athe afuna ukuzozibonela ngamehlo owesifazane athe ukhombise isihluku, ebulala izingane zakhe.
Seliguqisiwe icala, iphoyisa selimthatha limbuyisela esitokisini, uvele wazimboza thaqa ubuso ngesigqoko abesigqokile.
Wenze lokhu waze wacishe wayozishayisa odongeni, ezama ukugwema abezindaba ukuthi bangaqhubeki nokumthwebula izithombe kanjalo nama-video.
Ngaphambi kokuba enze isigameko, kuthiwa wayefike eNgonyameni ngoLwesine, umamezala wakhe embize ukuthi azothi ukuhlala nabo kancane, esola ukuthi usentekenteke, kulandela ukubeletha umagcino wakhe ngoMeyi nonyaka.
Kuthiwa uhlale izinsuku ezimbalwa ngaphambi kokuthi kuvukwe ngeSonto engasabonwa nazo zombili izingane endlini kayise wazo engaphandle.
Kuthiwa ubhekwe yonke indawo engatholakali futhi engabambi ngisho ucingo.
Kuvela ukuthi bekunguMsombuluko ekuseni ngesikhathi umndeni kayise wabafi uthola ucingo kumuntu ozithele phezu kwezidumbu zisongwe ngoblankethi, eceleni kwendlela.
Lesi sakhamuzi kuthiwa sifonele umndeni ezinombolweni ebezishuthekwe kublankethi obekusongwe ngawo abafi.
Umsolwa ugcine eboshwa amaphoyisa kubo eMsinga, lapho okuvela ukuthi bese ebalekele khona.
Related Topics: