Izindaba

Kuphazamiseke esebheyili owozalo 'owabulala' ibambabukhosi eshintsha abameli

Zimbili Vilakazi|Published

UMNUZ Mzamo Mlaba okuthiwa wakhokhela izinkabi u-R130 000 ukuze zisoconge uMnuz Zibuse Mlaba owayeyibamba bukhosi KwaXimba futhi owake waphatha isikhundla sokuba yiphini likasihlalo we-ANC KwaZulu-Natal

Image: Nomonde Zondi

KUPHAZAMISE ukulalelwa kwesicelo sebheyili ukushintshwa kwabameli ecaleni lowesilisa osolwa ngokwakha itulo lokubulala isihlobo sakhe esasiyibambabukhosi, futhi esake saphatha isikhundla sokuba yiphini likasihlalo we-ANC KwaZulu-Natal.

Umsolwa, uMnuz Mzamo Mlaba, bekulindeleke ukuthi afake isicelo sakhe sebheyili eNkantolo yeMantshi yaseMlaza izolo. 

Umufi, uMnuz Zibuse Mlaba, owayeyibambabukhosi lesizwe sakwaMlaba, KwaXimba, eCato Ridge, wadutshulwa wabulawa ngoyaba lwezinhlamvu yizinkabi okuthiwa zazithunywe wuMzamo eHillcrest ngo-Okthoba 2021.

Umshushisi woMbuso u-Advocate Sanele Ntombela utshele inkantolo ukuthi abameli bakaMzamo sebemazise ngezinguquko ecaleni. 

Kube sekusukuma ummeli u-Advocate Van Schalkwyk SC eqinisekisa ukuthi kube khona izingxoxo ezijulile phakathi kwabo, ikhasimende labo nabanye abasondele. 

“Siyakuqinisekisa ukuthi siyahoxa kuleli cala,” kusho uVan Schalkwyk SC.

Ummeli omusha uMnuz Sipho Mkhize ukuqinisekisile ukuthi nguye osezothatha izintambo ekumeleni uMzamo. 

“Sengixoxile nozakwethu ohlangothini loMbuso, ngihlongoza ukuthi icala lihlehliselwe uJulayi 23 kulo nyaka ukuze sifake isicelo sebheyili,” kusho uMkhize. 

Uthe ngalolu suku yena noMzamo bazobe sebeyibhalile incwadi efungelwe, bayinika uMbuso.

UNtombela uthe unxuse ukuthi incwadi efungelwe uMkhize ayithumele ngesikhathi ukuze ezokwazi ukuyifunda.

Uthe uma izobe inolwazi olusha kunalolo obelukulena ebilethwe abameli baphambilini, uzodinga isikhathi sokuthi acubungule. 

UMkhize uthembise ukuthi izobe isikuye ngoJulayi 21, 2025, wathi uzoyithumela nge-email.

Imantshi, uMnuz Gqada, ithe ilihlehlisela uJulayi 23 icala ukuze uMzamo akwazi ukufaka isicelo sebheyili. 

Kuleli cala uMzamo afuna ukufaka isicelo sebheyili kulo, usolwa ngokudubula abulale inkabi, uMncedisi Gwala, okuthiwa wuye owadubula, wabulala uZibuse. 

Lokhu kuvela encwadini efungelwe kaFortune Dlamini, ongomunye wezinkabi "ezazithunywe" wuMzamo ukuthi ziyombulalela uZibuse, wazikhokhela u-R130 000.

Kulesi sicelo udalula ukuthi kwathi sebembulele uZibuse uMzamo wabe esemyalela ukuba ahlele ukubulala uGwala. 

Siphinde siveze ukuthi emva kokubulawa kukaZibuse, uGwala waboshelwa ukubanjwa nesibhamu esingekho emthethweni nokuyilapho uMzamo okuthiwa wakhipha umyalelo wokuthi kubulawe uGwala. 

Ecaleni lokubulala uZibuse, uMzamo uboshwe noMthobisi Dubazana kanye noNhlanhla Hlongwa, okungezinye zezinkabi okuthiwa wazithumela.