IKHALELWE ngamasongo kaSigonyela indoda okuthiwa ibizenza umfundisi, esolwa ngokubulala isalukazi nokudlengulwa umzukulu waso
Image: Independent Newspapers
UBESANDA kukhuzwa ngomkhuba wokubhala izincwadi, eshela umzukulwana (12) wesaguga (70) okuthiwa usibulale ngesihluku eMphazima, eMondlo, owesilisa obezenza umfundisi.
Umufi kuthiwa utholwe esethule ngeSonto, ngasethoyilethi lomgodi ekhaya lakhe enamanxeba okuklinywa nokudutshulwa.
Umsolwa naye kuthiwa ubanjwe ngosuku olufanayo eMgabadeli, eJozini, lapho ebesebalekele khona ehamba nabazukulwana bakamufi ababili.
Kubona kukhona lona okuthiwa ubede embhalela izincwadi emshela, okuvela ukuthi umdlwengulile, kanjalo nomunye oneminyaka emine.
Isihlobo esisondelene kakhulu nabathintekayo siveze ukuthi bese kunesikhathi umsolwa ebhala izincwadi, abuye azishutheke o-chocolate eshela umgilwa (12).
“Ngacela umufi ukuthi akayikhuze le nto. Kodwa ngibuye ngathola ukuthi iyaqhubeka njengoba umgilwa engifonele ngoLwesihlanu ekhala, ethi usecela ukuyohlala kubo kayise ngoba 'umfundisi' usaqhubeka nokumbhalela izincwadi,” kudalula isihlobo.
Sithe sithathe ucingo sashayela umufi, simtshela ukuthi akaphinde akhuze umsolwa. Kasigcinanga lapho, sibuye samshayela ngokwaso, simtshela ukuthi akahlukane phansi nengane.
“Akazange aphike,” kusho isihlobo.
Sithe bekunguMgqibelo ngesikhathi sithola ukuthi umufi nabazukulwana banyamalele.
“Ngibafonele kodwa lutho ukubathola ezingcingweni. Ngize ngathuma isihlobo ukuthi siyongibhekela, sabuyisa nomyalezo othi abekho futhi kukhiyiwe ekhaya,” kubeka isihlobo.
Sithe sigcine sinikela ekhaya ngeSonto, nokuyilapho esizithele khona bezu kwamaphoyisa ehlola indawo yesigameko, lapho okutholwe khona umufi esebanda.
Siveza ukuthi besisakhungathwe yilokho ngesikhathi kungena ucingo luvela eJozini, kuthiwa izingane zikhona futhi nomsolwa usebanjwe ngamalungu eCommunity Policing Forum (CPF).
“Kuthiwa ufike nezingane ngoMgqibelo, wathi ngezakhe. Kuthiwa umgilwa (12) ubenele ambone esithela atshele izihlobo zikamsolwa ukuthi ucela zimfonise, ufuna ukukhuluma nonina,” kusho isihlobo.
Sithe umndeni kamsolwa uqale wangamnaka umgilwa, kwaze kwaba uyayibhadlaza indaba yokuthi ubathumbile.
“Kuthiwa yilapho umndeni uvele wabiza khona iCPF, laphuma kanjalo iqiniso ngaye,” kuchaza isihlobo.
Sithe umgilwa (12) ubatshele ukuthi waqale wamklinyela endlini phambi kwabo umufi, kwathi esebona ukuthi usefile, wase emhudulela ngasethoyilethi, nokuyilapho afike wamdubulela khona, wase ebashaqa, wakhiya, zaya.
Udalule ukuthi umphakathi ubumkhululekele njengoba ubengakhombisi ukuthi uyisigebengu.
“Esikwaziyo ukuthi ubezipha isikhundla sokuba ufundisi kuleli sonto abesonta kulo. Kodwa yena ubejwayelene nawo wonke umuntu njengoba nomufi ubemthatha njengomngani wasendaweni,” usho kanje.
Uthe abagilwa bebevele besonta kuleli sonto ngaphambi kokuba afike umsolwa azosonta kulo naye.