ISIKHULU esiphezulu sakwaSassa, uMnuz Themba Matlou, ngesikhathi kuqhubeka isithangami nabezinda eHatfield, ePitoli, izolo
Image: GCIS
ABE-SOUTH African Social Security Agency (Sassa) banxuse abahola izibonelelo zikahulumeni ukuba babambisane nabo njengoba kuqhubeka uhlelo lokubuyekezwa kwalabo abahlomulayo.
Lokhu kushiwo yisikhulu esiphezulu seSassa, uMnuz Themba Matlou, ngesikhathi kuqhubeka isithangami nabezinda eHatfield, ePitoli, izolo.
UMatlou uthe bafuna ukuqondisa ukudideka okukhona, wathi njengamanje abangu-210 000 abahlomula esibonelelweni sabangasebenzi abababuyekezayo, esibalweni sabangu-19 million abathola izinhlobo ezahlukene zezibonelelo.
“Ababuyekezwayo yilesi sibalo esincane kulandela ukuvela kolwazi lokuthi akufanele bahlomule ngoba kukhona enye imali engenayo eceleni,” kusho uMatlou, othe kwabanye leyo mali ingena ngoba bayasebenza ezindaweni ezithize.
Uthe bezingakabi bikho izikhawu lapho kuba khona abangakhokhelwa izibonelelo, nokho wathi uma bethola ukuthi umuntu akasafanele ukuhola isibonelelo, nakanjani bazosinqamula.
“Ubengakabi bikho osenqanyulelwe isibonelelo okwamanje,” kusho uMatlou.
Uthe okwamanje bebesathumele imiyalezo esibalweni sabathize, ababathatha njengesigaba sokuqala ngoJuni. Wathi yilabo asebethunyelelwe le miyalezo okufanele beze amahhovisi abo ukwenza uhlelo lokubuyekeza.
“Sibanqumele isikhathi. Uma sidlula leso sikhathi, bengezi, izibonelelo zabo zizonqanyulwa ke. Zizobe zinganqanyulwa ngoba bengafanele wukuhlomula, kodwa zizobe zinqanyulwa ngoba bengazibandakanyanga nohlelo lokubuyekeza,” usho kanje.
Uthe njengoba besaqhubeka nohlelo lokubuyekeza, bazowazisa umphakathini ukuthi sebebuyekeze abantu abangaki, imiphumela yakhona ithini kanjalo nesibalo sabantu abazoqhubeka bathole isibonelelo nalabo esizonqanyulwa esabo.
“Lolu lwazi sizolukhipha ekupheleni kukaJulayi,” kusho uMatlou.
Uthe abahlomula ngezibonelelo baphoqwa wumthetho ukuthi badalule uma sekukhona imali abayitholayo noma uma kuba khona ushintsho emalini.
“Lokhu kwenzelwa ukuthi usizo lukahulumeni luye ebantwini abafanele futhi abaludinga ngempela,” usho kanje.
Related Topics: