USIHLE Tuta ongomunye wabazobe befundisa izethameli zochungechunge lwezifundo eKZN
Image: Sithunyelwe
UKWESEKA abantu ukuze bazimele ngokomnotho nokufunda ngemali kwenze osomabhizinisi baKwaZulu-Natal ngokubambisana nozakwabo baqala uchungechunge lomjikelezo wokusiza mahhala.
UMnuz Sihle Tuta oyisikhulu sePrimeXBT South Africa, okuyinkampani egunyazwe ngokusebenza ngemali yiFinancial Sector Conduct Authority (FSCA), ubambisene noMnuz Lakhe Mvuyane weDunamis FX ukucathulisa abantu ngemali ezindaweni ezahlukene KwaZulu-Natal.
UTuta uthe bahlale beseka futhi begqugquzela ulwazi lwezemali ezweni jikelele.
“Umjikelezo uletha ngqo ongoti, ukufunda nethuba labahwebi lokuthi batholle amakhono azohlala. Ukubambisana neDunamis FX kusinika ithuba lokuxhumana nemiphakathi ezindaweni zawo,” kusho uTuta odabuka eMandeni.
UTuta unamava eminyaka engaphezu kuka-15 esemkhakheni wokuhweba nokufundisa. Ubhale incwadi iMoney Talks ekhuluma ngezithinta imali.
Umjikelezo uqala namuhla eMbali Boutique Hotel, eKokstand. NgoMgqibelo ozayo udlulela ePort Shepstone eMthunzi Hotel & Conference. NgoJulayi 26 uya eGateway Hotel, eThekwini ngaphambi kokuhambela eMgungundlovu ngenyanga ezayo, eRichards Bay, eNewcastle, eMnambithi bese usongwa oLundi ngo-Agasti 30.
UTuta,owafunda izifundo zokumaketha eTechnikon Natal (Durban University of Technology) ngo-2021, nokuyilapho aqala khona amabhizinisi, uthe kuzo zonke lezi zindawo kuqalwa ngo-10 ekuseni kuya ku-1 emini futhi kungenwa mahhala. Uthe okubalulekile wukubhalisa kwi-website yabo.
Uveze ukuthi kuvuleleke kunoma wubani ofuna ukufunda ngokuhweba ezimakethe futhi abazobe bethamele bazothola nezinsiza zokufunda.
Ngaphandle kukaMvuyane noTuta, ezinye izikhulumi kuzoba wuYusuf Ebrahim noThuma Mwandla.
Related Topics: