Izindaba

Ithemba ngabezikhukhula umnyango uthenga ibhilidi

Zimbili Vilakazi|Published

IMONTCLAIR Lodge okuthiwa ithengwe wuMnyango wokuHlaliswa kwaBantu ngenhloso yokugcina abasuke bekhahlanyezwe yizikhukhula

Image: KZN HUMAN SETTLEMENTS

UMNYANGO wokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, usuthenge iMontclair Lodge okwakungeyakwaTransnet, eThekwini ukuze kuhlaliswe kuyo abakhahlanyezwa yizikhukhula.

Lokhu kumenyezelwe wuMphathiswa walo mnyango, uMnuz Siboniso Duma esithangamini nabezindaba izolo.

Lesi sithangami silandela ukukhishwa kwabakhahlanyezwa yizikhukhula zangoFebhuwari kulo nyaka, ehhotela iBayside enkabeni yeTheku ngeledlule.

Abehhotela kuthiwa babaphonsa emnyango abagilwa ngoba uhulumeni engayikhokhile imali yerenti.

Abagilwa kwaphoqeleka ukuthi balale onqenqemeni lomgwaqo njengoba babengenayo enye indawo ababezokhosela kuyo.

UDuma uveze ukuthi bonke abagilwa sebegcinwe endaweni efudumele eMbilo.

UMphathiswa wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal uMnuz Siboniso Duma noMnuz Max Mbili walo mnyango behlola ibhilidi elithengiwe elizohlalisa abezikhukhula

Image: Sithunyelwe

Elandisa ngodaba lweMontclair Lodge, uDuma uthe bayithenge kwabakwaTransnet.

“Sesiwukhokhile uR33 million ukuze kuhlaliswe abagilwa bezikhukhula. Ngamanye amazwi ngeke sisazisebenzisa izindawo eziqashwayo ukugcina abagilwa okwesikhashana,”  kusho uDuma. 

Uthe iMontclair lodge inamagumbi angu-268 nemibhede engu-600.

Uqhube wathi bazoqoka unjiniyela ngaphambi kokuphela kukaJulayi ukuze ayihlole le ndawo kubhekwe ukuthi ungakanani umsebenzi wokuthi ilungiswe. 

Uveze ukuthi emva kwalokho bazobe sebeqoka usonkontileka ozoyilungisa. 

Ubalule ukuthi bazobeka eceleni imali enguR35 million, ukuze indawo ilungiswe kuthi uR4.2 million ubekelwe ukuthi kwenziwe umsebenzi wokuyihlola.

UDuma uthe bayakholwa wukuthi ngoDisemba kulo nyaka noma uJanuwari wangonyaka ozayo, bazobe sebekhona abagilwa abangeniswa kule ndawo. 

Uthe lokhu kungenye yemizamo yabo yokuthi baqinisekise ukuthi bayilungele imvula enkulu eza nehlobo. 

“Lena yingqophamlando yokuthi uhulumeni abe nezakhe izindawo zokuhlalisa abasuke bekhahlanyezwe yizikhukhula. Izonciphisa izindleko ze-renti ekhokhwa wuhulumeni kulabo okusuke kuhlaliswe abagilwa ezindaweni zabo,” kusho uDuma.

Udalule ukuthi kwenzeka lokhu nje bamatasa bakha izindawo zesikhashana ezizogcina abagilwa bezikhukhula ezindaweni ezihlonzelwe lokhu, okukhona kuzo nezindawo zamakhosi.

Uthe nezindlu bayazakha kodwa wakuveza ukuthi nakuba benza le mizamo, basabhekene nenkinga yemiphakathi enqaba ukuthi kuzokwakhiwa eduze nayo.

Uthe kukhona olunye uhlelo abaphezu kwalo, lokwakha izindlu zesikhashana kanjalo nalezo ezizohlala abantu ingunaphakade ezindaweni zamakhosi. 

UDuma uthe emhlanganweni ababa nawo namakhosi eThekwini, avuma ukudedela umhlaba ukuze kwakhelwe abakhahlanyezwa yizikhukhula. 

Uthe phakathi kwezindawo osekuqaliwe ukwakhiwa kuzo kubalwa naseMnini eningizimu yeTheku.

Uthe zikhona ezinye izindlu ezingu-19 ezakhiwa e-llovu ezakhelwa eminye imindeni eyagilwa yizikhukhula, nezinye izindlu ezakhiwa eNanda ngaphansi kwenkosi uMqoqi Ngcobo. 

Udalule ukuthi ngesikhathi bebuyekeza uhlu lwabakhahlamezeka bathole ukuthi kukhona abangeke bahlomule ohlelweni lokwakhelwa ngezizathu ezehlukene.

 “Abanye kuvele ukuthi banazo izindlu zomxhaso asebevele bezakhelwe emagameni abo. Uhulumeni akakwazi ukwakhela umuntu indlu yomxhaso kabili,” kusho uDuma.

Uthe kuvele ukuthi abanye bahola imali engaphezu kwaleyo ebekiwe ukuze umuntu akwazi ukuhlomula ngendlu yomxhaso.

Uthe abanye bebengenabo omazisi, kuthi uma sebenzelwe uhlelo lokuthi bashayelwe eMnyangweni wezaseKhaya, bavele banyamalale. 

“Abanye sithole ukuthi ngabokufika,” usho kanje.