Ungqongqoshe weMfundo eyisisekelo uNksz Siviwe Gwarube
Image: File
KUZOBUNJWA ithimba elizophenya ngokuthi kumele linyuswe yini izinga lokuphasa kuleli, nokuthi kuziphi izifundo.
Leli thimba lizoluleka uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNksz Siviwe Gwarube, ezintweni ezithinta umthwalo obhekene nothisha nsuku zonke, ukuphasiswa kwabafundi kanjalo neyengqalasizinda ezikoleni.
Lokhu kuvezwe nguNksz Gwarube ethula isabelomali sikaR35 billion, ePhalamende.
"Sifuna ukwazi ukuthi izinga lokuphasa kumele libe ngu-30%, 40% noma u-50%. Sifuna ukwazi ukuthi kumele kube yiziphi izikole lapho kuzonyuka khona leli zinga lokuphasa," usho kanje.
Sekukhalwe kakhulu ngezinga lokuphasa kwa-matric, amanye amaqembu ekhala ngokuthi kudingeka linyuswe libe ngu-50%. Amaqembu nezazi kwezemfundo, bahlale bekhala ngokuthi kuphaswsa ngo-30%.
UNksz Gwarube nomnyango wakhe sebekuchithe kaningi ukuthi uma kuthiwa uphase izifundo zakho ngo-30%, ngeke uwuphase umatric. Bahlale bekuchitha ukuthi ayikho into okuthiwa wukuphasa ngo-30%, ikakhulu kwa-matric.
UNksz Gwarube ukhale ngokuthi kudingeka imali ukuze kuxhaswe uGrade R.
Uveze nokuthi imali ye-ECD inyukile kufaka uR230 million wohlelo lokudla no-R162 million wengqalasizinda kulo mkhakha.
"Inhloso sifuna ukuthi abafundi abana-10, bakwazi ukufunda nokubhala. Sifake uR4.6 billion wokuthuthukisa othisha nohlelo lokufunda. Sibeke uR1.2 billion, wama-Workbooks."
Uveze ukuthi bazoxhasa abafundela ukuba ngothisha abangu-9 000 ngomfundaze iFunza Lushaka.
"Kuno-R15.3 billion wengqalasizinda ezikoleni wokusiza ngenkinga yokuqedwa kwamathoyilethi ayimigodi. Uhlelo lokudla ezikoleni lwabelwe uR10 billion, kanti luzosiza abafundi abangu-9 million, abadla nsuku zonke."
Uqinisekise ukuthi bayayifuqa iBELA Act ezikoleni okufunda kuzona u-13.5 million wabafundi.
Amalungu ePhalamende amyalele ukuthi afuqe lo mthetho ngaphandle kokunanaza.
Related Topics: