INSIZWA endala, uMnuz Mzwakhe Phakathi, elahlekile
Image: SITHUNYELWE
UKHATHAZEKILE umndeni wensizwa endala yaseMadibhini, oPhongolo, okuthiwa sekuphele amasonto amabili idukile.
UMnuz Mzwakhe Phakathi (76), kuthiwa wagcinwa ukubonwa ethamele ilanga ngaphandle kwendlu yakwakhe ngoJuni 29, kulo nyaka.
Ngokusho kwendodakazi yakhe, uNksz Ayanda Phakathi, ithe uyise ohlala nomkakhe, wavuka waphumela phandle ngosuku anyamalala ngalo.
“Umamncane wamgcina ethamele ilanga, wathi uyabona akasekho,” kusho uNksz Phakathi.
Uthe uyise akasiye umuntu onabangani endaweni noma ovame ukuvakashela omakhelwane.
“Yayingekho nendlela owayebike ukuthi uzoyithatha,” kusho uNksz Phakathi.
Uthe udaba lokulahleka kwakhe, basheshe balubikela umphakathi, owahlangana masinyane, waqala wacingwa uyise, wathi ngakusasa banikela emaphoyiseni asoPhongolo, ukuyobika ngokunyamalala kwakhe, amaphoyisa abajoyini ukuzobacingisa.
“Zonke lezi zinsuku siyavuka siyocinga yonke indawo, ngisho nasemahlathini asendaweni,” usho kanje.
Uthe basadidekile ukuthi kwenzekani kuyise.
“Indawo yethu ayinabo ubugebengu bokuthunjwa kwabantu. Yisigameko sokuqala lesi endaweni ukuthi kulahleke umuntu,” kusho yena.
Uqhube wathi bakhathazekile ngokubehlele.
“Isimo asisihle kithi sonke ekhaya ngoba asazi ukuthi ukuphi nokuthi uphephile yini,” kusho uNksz Phakathi othe sebekhulekela ukumthola noma ngabe ekusiphi isimo.
Uthe nasezibhedlela eziseduze, nasemakhazeni endawo, sebebuya khona ukuyolahlela ukuthi akatholakali yini.
Imizamo yokuthola ukuphawula kwamaphoyisa ayiphumelelanga saze sayoshicilela.
Related Topics: