Izindaba

UMchunu akageze igama lakhe enkantolo-ActionSA

Zimbili Vilakazi|Published

Zwakele Mncwango we-ActionSA

Image: Sigciniwe

I-ActionSA ifuna uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Senzo Mchunu nabanye anukwa nabo ebugebengwini bayogeza amagama abo enkantolo.

Lokhu kushiwo wumholi waleli qembu KwaZulu-Natal uMnuz Zwakele Mncwango izolo, ngesikhathi benemashi ngaphandle kwekomkhulu lamaphoyisa eThekwini. Kule mashi bekukhona nelungu lePhalamende leqembu, uNkk Dereleen James.

UMncwango uthe akukho okunye okufanele kwenziwe wuMchunu nabathintekayo ngaphandle kokuthi bayoziphendulela enkantolo. Uthe kuyabajabulisa ukuthi sekukhona namacala okuthiwa asevuliwe.

“Kufanele banikwe ithuba labo enkantolo njengazo zonke izigebengu ngoba akufanele kube khona izigebengu ezizokwenza amacala bese kuthiwa kukhona amakhomishini azoba khona ngobugebengu bazo.” Uthe bawabonile amakhomishini enziwa phambilini, asongwe, kukhishwe imibiko yawo, bese ishuthekwa ngaphansi kwetafula.

Uthe sekulele kuMengameli Cyril Ramaphosa, ukuthi athathe izinyathelo ngoMchunu oqambe amanga ePhalamende, wathi akamazi uMnuz Brown Mokgotsi, wabuye washaya ungqimphothe, wathi umazi njengeqabane.

“Umengameli unento ebambekayo ukuthi amumise emsebenzini. NoKhomishana wamaphoyisa unesizathu esiphathekayo sokuthi amise iphini lakhe,” usho kanje.

Uthe ngemashi yabo bathi akavikelwe uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, owaveza izinsolo ngoMchunu. Uthe bayabezwa abagxeka indlela uMkhwanazi akhipha ngayo lolu daba, bemsola ngokuthi akalandelanga inqubomgomo.

“Bakhuluma ngayiphi inqubomgobo uma kubole yonke into emaphoyiseni? Yena uphumele obala ukuze amaqiniso ahlale obala. Siyamncoma ngakwenzile."