UMFUNDI owabulawa, uWandile Aphiwe Ngcobo, owayenza uGrade 11
Image: Sithunyelwe
KUHLWE emini kubamangalelwa ababili ebebesolwa ngecala lokubulala ngesihluku umfundi waseDurban Girls Secondary, ijaji libalahla ngecala lokubulala eNkantolo eNkulu yaseThekwini, izolo.
USfundo Bhengu (39), ongummangalelwa wokuqala futhi ongumakhelwane kamufi noBongani Jali (28), ongummangalelwa wesibili, balahlwe yicala lokugwaza babulale uWandile Ngcobo (17) owayefunda uGrade 11.
Isigameko senzeka ngesikhathi esele yedwa kubo kwa-U eMlaza, ngoMeyi, ngonyaka odlule. Ijaji uGarth Harrison, libasukumisa oBhengu noJali lithe: “Ecaleni lokuqala lokugqekeza, nginikhipha phambili nobabili. Kwelesibili lokuphanga ngaphansi kwezimo ezinzima, nginithola ninecala nobabili bese kuthi kwelesithathu, elokubulala, nginilahla ngecala nobabili.”
Ngaphambi kwalokho, uHarrison ucacise eyokuchitha ubufakazi babo bobabili abalahlwe yicala, wagxila kakhulu kummangalelwa wesibili.
“Inkantolo ayikukholwa uma uthi awuzange uzibandakanye ebugebengwini. Ubufakazi bakho buyashintshashintsha,” kusho uHarrison.
Enza isibonelo, uthe kukhona lapho uJali aveza khona ukuthi yena wasala kubo kammangalelwa wokuqala, wangaya endaweni yesigameko. Uthe kuphinde kube khona lapho aveza khona ukuthi yena wayemi ngaphandle kwendawo yesigameko, eqaphile, waze wabona ithelevishini (eyayingaphakathi endlini) ikhanya umbala oluhlaza.
“Inkantolo ikubona njengofakazi ozama ngawo wonke amandla ukuziqhelelanisa necala ekubeni abanye ofakazi bekubeka esigamekweni,” kusho uHarrison. Ubalule nokuthi kuvela amanga ebufakazini bakhe lapho eveza khona ukuthi yena wangena ngaphakathi egcekeni eseyothatha ithelevishini kuphela.
“Waqonda ngqo lapho eyayibekwe khona egcekeni ngoba wawazi ukuthi ikuphi ngoba naniyibeke nobabili,” usho kanje.
Ubuye wabalula nokuthi ukuboshwa kukamufi izandla, izinyawo nomlomo ukuze angamemezi, yinto abayenza ngokubambisana. UHarrison ucaphune ubufakazi bofakazi abehlukene, esho abamukelayo nalobo angabamukeli. Obabo bobabili abamangalelwa uthe akabamukeli, wathi abunaqiniso futhi buqukethe amanga. Ubuye wacaphuna ubufakazi bukayise kamufi, uMnuz Mondli Ngcobo, wathi inkantolo iyabamukela njengobuyiqiniso.
“Ubengubaba osezinhlungwini, elinde olwakhe usuku enkantolo ukuthi akhiphe konke okusesifubeni ngokubulawa kwendodakazi yakhe,” kusho uHarrison. Uqhube wathi bekungekho abefuna ukukufihla, waze waveza nokuthi indodakazi yakhe yayineselula nobhaka wePuma.
Uphinde wamukela ubufakazi bukamasitende kaBhengu, uMnuz Mxolisi Ngcobo, oveze ukuthi ummangalelwa waqala ukuhlala emqashweni ekuqaleni kukaMeyi, ngonyaka odlule, ngaphandle kokukhokha irenti.
Uthe waze waveza ukuthi baxabana naye, bebanga lokho, waze wabamba ubhaka wakhe wePuma awubona emqashweni.
“Yilowo bhaka athi wathola ucingo lukaGugu (intombi kaBhengu), ewufuna, ethi unezimpahla zomsebenzi zikammangalelwa,” kusho uHarrison.
Uveze ukuthi wathi uma ewubheka ubhaka waqaphela ukuthi owePuma, phakathi une-decoder yeDStv ne-remote yethelevishini.
“Lezi zimpahla zambeka esigamekweni ummangalelwa wokuqala,” usho kanje.
Obunye ubufakazi athe uyabamukela obukaMnuz Malungisa Dlamini, ophenduke ufakazi woMbuso, emva kokugeqa amagula ngokuthenga iselula kamufi komunye wabamangalelwa.
Icala liyaqhubeka namuhla, ukuze abameli benze izethulo zokuthi abalahlwe amacala banikwe isigwebo esincane.
Related Topics: