INDAWO yesigameko eDakota, eSiphingo lapho okushe khona imijondolo engaphezu kuka-100
Image: KZN COGTA
BABALELWA ku-200 abantu abasale dengwane ngesikhathi kusha imijondolo engaphezu kuka-100 yaseDakota, eSiphingo, eThekwini, izolo.
UMphathiswa wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, izolo uthe ithimba labo lezinhlekelele seliqalile ukuhlanganisa usizo oluzonikezwa iminden ekhahlamezekile.
Uthe akubanga khona muntu ofayo noma olimalayo njengoba abezimo eziphuthumayo bephuthume endaweni yesigameko ngokushesha.
“Njengamanje kusabhekwa ukuthi umonakalo ungakanani. Ithimba lethu lezinhlekelele ngokubambisana noMasipala weTheku nezinye izinhlaka liqinisekisa ukuthi imindeni ethintekile ithola usizo eludingayo ngokushesha,” kusho uButhelezi.
Uthe njengamanje kusaphenywa ukuthi yini imbangela yomlilo, yize noma zikhona izinsolo zokuthi kungenzeka ukuthi ususwe yimbawula.
Phakathi kwezinye izimpahla ezikhishwe wumnyango wukuzama ukugwema isimo ngokuzayo, ama-smoke alarms, ama-fire beaters nama-knapsack tank.
“Lena ngeminye yemizamo yokulwa nomililo ohlasela kakhulu emijondolo,” usho kanje.
Kuphinde kwasungulwa nekhishi lapho bezocosha khona okuya ngasethunjini, ngosizo lwezinhlaka ezahlukene ezisebenzisana nomnyango.
Iminyango enjengowokuHlaliswa kwaBantu, owokuThuthukiswa koMphakathi kanye nowakwaNdabazabantu, nayo isijutshwe ukuba ilekelele.
Uthe uyazibophezela ekutheni kube nesixazululo senkinga yomlilo okuzoqhanyukwa naso ikakhulukazi emiphakathini ehlala emijomdolo.
Related Topics: