ISEXWAYISO kubazali ngezingane ezincane ezisebenzisa izinkundla zokuxhumana
Image: PEXELS
ABAZALI sebephonselwe inselelo yokuthi balungise inkinga okubukeka yanda ezweni yezingane ezincane ezisebenzisa izinkundla zokuxhumana ngokweqile, okuvela ukuthi lokho kuba nomthelela omubi nobungozi empilweni yazo, nasekusebenzeni komqondo wazo ngenxa yobungozi balezi zinkundla.
Lokhu kuza emva kokuvela kwezethulo zocwaningo lwenkampani yezobuchwepheshe i-Hello Yes Markerting, edalule ukuthi silokhu siqhubeke njalo nokwenyuka isibalo sezingane ezincane ezisebenzisa izinkundla zokuxhumana ezweni.
I-Hello Yes Marketing idalule ukuthi ebantwini abawu-26.7 million bakuleli zwe abasebenzisa i-internet, kukhona u-95% wezingane ezifunda uGrade 4 kuya kuGrade 11 ezineminyaka ewu-10 kuya ku-17, kube wu-62% onama-smart phone ube uneminyaka ewu-10 nje kuphela, bese kuthi u-83% usebenzise okungenani uhlelo olulodwa lwezinkundla zokuxhumana ube uneminyaka ewu-12.
Lezi zibalo ziphuma nje, ziqondane nokuthi uJulayi waziwa nangokuthi yi-Mental Health Awareness Month, lapho okusuke kwenziwa khona imikhankaso kuhlatshwa nekhwelo lokufundisa nokuqwashisa abantu ngezimo nangezinto abazenzayo ezibahlukumezayo emqondweni.
UMphathiswa wezeMpilo KwaZulu-Natal uNksz Nomagugu Simelane uxwayise abazali ukuthi bangayishayi indiva le nto yokunikeza izingane ezincane omakhalekhukhwini ngoba ingenye yezinto eziholela ekutheni kube nezinkinga ezithikameza impilo yabantwana babo.
UMPHATHISWA woMnyango wezeMpilo uNksz Nomagugu Simelane nesexwayiso kubazali ngezingane ezisebenzisa izinkundla zokuxhumana
Image: SITHUNYELWE
"Kuningi okubi abantwana abakubona nabakuthola kulezi zinkundla zokuxhumana okunye kwakho okwenza bahlukumezeke, kubalwa nengcindezi yokwenza izinto ezithile ezingalungile abayithola kontanga yabo, futhi kukhona nabahlukunyezwa ngamabhoklolo akhona kulezi zinkundla, ngakho kumqoka ukuqaphela ukuthi yini izingane zethu eziyibonayo neziyenza kulezi zinkundla ukuze singenelele uma kunesidingo," kusho uNksz Simelane.
I-Teenage Coach ezimele uNksz Nomveliso Mbanga yona ithe inkinga enkulu ayikho ekuthengeleni izingane amafoni zisencane kuphela ngoba seziyakwazi ukungena kwi-internet komakhalekhukhwini babangani bazo, futhi ziyasebenzisa nokwabazali bazo kulelo thuba elincane ezilitholayo.
"Inkinga enkulu wukuthi abazali ababafundisi abantwana babo ukuthi zisetshenziswa kanjani izinkundla zokuxhumana futhi ababaqwashisi ngokumele bakuqaphele kuzona ngoba ngeke sikubalekele ukuthi sebevele bayazisebenzisa futhi aziyi ndawo, zizohlale zikhona. Kunjalo nje, sifika kulesi sigaba esikusona manje nje, izingane zibonele kithina indlela esithanda ngayo lezi zinkundla zokuxhumana, bese nazo zifuna ukubona okwenzekayo kuzona, ngakho yijoka lethu futhi ukuthi sizikhalime bese siyaziqwashisa ngobungozi bazo," kusho uNksz Mbanga.
Ucebise abazali ngokuthi abaqale ukufundisa izingane zabo ngokusebenza kwezinkundla zokuxhumana okungenani uma sezineminyaka ewu-12 ngoba yilapho ezisuke seziqala khona ukuzibandakanya ezintweni eziningi.
"Okumqoka nokho wukuthi abantwana bafundiswe ngalezi zinto, hhayi ukubafihlela ngoba lokho kungenza kuthi bazifunele ngokwabo bese bethiyeka kwezinye izinto. Okunye okungasiza wukuthi uma umntwana usumthengele umakhalekhukhwini ngenxa yezizathu ezahlukene, uqaphele ukunaka nokubheka ukuthi uwusebenzisa kanjani nokuthi uxhumana nobani kuwona ukuze kube lula ukusheshe ungenelele uma kukhona okonakalayo," kucebisa uNksz Mbanga.