UMNUZ Nkosenhle Hlophe obhekelele ezokukhangisa kwiCebolethu ngesikhathi echaza kabanzi ngeCebo Labantu
Image: sithunyelwe
BAZISHAYA isifuba abenkampani yabangcwabi iCebolethu ngokuba yinkampani ezokuba nohlelo oludlala kumabonakude oluveza konke okwenzekayo uma bengcwaba.
Le nkampani iveze lezi zindaba ngoLwesihlanu, eThe Bond Shed ePoint eThekwini, ngesikhathi yethula ngokusemthethweni lolu hlelo, Icebo Labantu eqale ukudlala izolo, kwiSABC 1, ligamenxe ihora lesihlanu ntambama.
UMKHIQIZI wemidlalo, uLegend Manqele, echaza ngokubaluleka komdlalo iCebo Labantu
Image: SIYTHUNYELHWE
Obhekele ezokukhangisa kule nkampani, uNkosenhle Hlophe, uthe bajabule kakhulu ngokuthi ekugcineni lo msebenzi omngaka usubonakala kumabonakude. Uthe kube umsebenzi obungelula kusukela ekuqaleni becabanga ngawo, kuze kufike lesi sikhathi sokuthi kukhulunywe udaba lokuthi sewuze waphothulwa.
Uthe ngesikhathi eqashwa yile nkampani, umholi wayo uNomfundo Mcoyi Zondo, wamtshela ukuthi sekukuningi kakhulu le nkampani esikuzuzile. Wamtshela ukuthi kodwa kuningi okunye okusangenziwa yile nkampani ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi iyaqhubeka nokudlondlobala.
Uqhube wathi ukukhiqizwa kwe-Icebo Labantu ngezinye zezinto abaziqhakambisa kakhulu ngoba iveza ngokusobala igxathu eselihanjwe yile nkampani.
''Kuyajabulisa kakhulu ukuthi namhlanje sihlangene lapha sizokhuluma ngokuthi sekufeziwe lokhu ebesikade sikusebenza sonke lesi sikhathi. Ayikho into ejabulisa njengokubona into ebenikhuluma ngayo seyenzeka ngempela,'' usho kanje.
Udalule ukuthi inhloso yalolu hlelo ukuvezela abantu baseNingizimu Afrika ukuthi kwenzekani ngaphambi kwemingcwabo. Uthe lizophinde liveze nezinselelo le nkampani eye izithole isibhekene nazo ngesikhathi ilungiselela ukufihla.
UMnuz Legend Manqele oyisikhulu esiphezulu senkampani ekhiqiza imidlalo iBarLeader, uthe leli yithuba lokuthi abantu babone ukuthi le nkampani iye ibhekane nani ngaphambi kokuba ingcwabe.
Uthe imidlalo yalolu hlobo kuyajabulisa kakhulu ukuyibona iba khona ngoba izodala ukuthi abantu bafunde okuningi futhi okuhlukile mayelana nokungcwaba.
Umsakazi woKhozi FM obephethe uhlelo, uThembeka Zondo Cele, uthe ubezibuza ekuqaleni ukuthi Icebo Labantu limayelana nani. Uthe kuyajabulisa ukuthi le nkampnai ifike nombono ongajwayelekile.
UMfu Thomas Radebe uyihalaliselile kakhulu le nkampani ngokucabanga ijule ize ifinyelele kuleli gxathu, wathi sebekhulekela ukuthi uNkulunkulu aqhubeke abe nabo kunanoma yini abazobe beyihlela ngalolu hlelo.
Related Topics: