Izindaba

Inkantolo ichithe isicelo sikaMatlala sokubona idokodo lamacala

Nonkululeko Nhlapo|Published

UVusimuzi Cat Matlala nomkakhe uTsakani Matlala nabanye ababili bevele enkantolo ngecala lokuzama ukubulalaa

Image: X

INkantolo yeMantshi yase-Alexandra ilihlehlisele umhlaka-26 Agasti 2025 icala elibhekene nosomabhizinisi uVusimuzi Matlala.

UMatlala uvele nomkakhe uTsakani Matlala, kanye  noMusa Kekana noTiego Floyd Mabusela.

UMbuso ucele ukuhlehliswa ukuze kuvunyelwe ukufakwa phakathi kwamadokodo amabili atholwe ePitoli, lapho abasolwa bayathinteka khona futhi kuvunyelwe ukuba icala lidluliselwe eNkantolo eNkulu yaseNingizimu Afrika eGoli.

Abasolwa babhekene namacala okuzama ukubulala, itulo lokubulala, ukukhwabanisa kanye nelokuzama ukufihla ubugebengu. La macala asukela ezigamekweni okusolwa ukuthi zenzeke eGoli phakathi kuka-12 no-17 Okthoba 2023, lapho kusolwa ukuthi abammangalelwa bakha itulo lokubulala uTebogo Thobejane.

Kuthiwa bavulela ngenhlamvu kuThobejane nabanye ababili ayehamba nano emotweni. Kusolwa nokuthi ummangalelwa wakhokha imali engu-R120 000 ehlobene netulo lokubulala wase ehambisa ne-invoice yomgunyathi ezama ukufihla umsuka wale mali nokudukisa inkantolo.

Abameli babammangalelwa bafake isicelo sokuthi umbuso udalule izingxenye ezithile zedokodo; nokho-ke iMantshi yasichitha isicelo. Usomabhizinisi nabasolwa ababili basagcinwe esitokisini, kanti uTsakani Matlala yena udedelwe ngebheyili.