IZISULU zezikhukhula ezikhishelwe ngaphandle ehhotela iBayside, eThekwini, ebezigobe kulo amadlangala
Image: SIBONELO NGCOBO/Independent Media
BAKHALA ngohulumeni abathi udlala ngabo abayizisulu zezikhukhula, abaphenduke ondingasithebeni bekhishelwa emnyango ehhotela ebebegobe kulo amadlangala iBayside eThekwini ngoLwesithathu ekuseni, balala endle.
Lezi zisulu ziququdwe amakhaza, zashiswa nayilanga ngoba zingenayo enye indawo ebezizoya kuyona ngenxa yokuthi bezisalinde ukuthi uhulumeni aphinde azibhekele enye indawo ebezizogoba kuyo amadlangala.
Ibalelwa ngaphezu kuka-70, imindeni ebihleli kuleli hhotela, isuka ezindlini ezingamathini eLamontville ngoFebhuwari kulo nyaka, kulandela ukukhahlanyezwa yizikhukhula. Libakhiphela ngaphandle ihhotela, likhale ngokungakhokhelwa wuhulumeni imali yerenti.
Ngesikhathi lifika Isolezwe kule ndawo izolo, izimpahla zabo bezikleliswe onqenqemeni lomgwaqo ngaphandle kwehhotela. Kuzona bekukhona izimpahla zokugqoka nezokulala. Kubona bekukhona abesifazane, abesilisa, izaguga nezingane ezincane.
Okhulumela uMnyango wokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal uMnuz Ndabezinhle Sibiya, udalule ukuthi ibalelwa kuR185 million imali esikhokhwe wuhulumeni emahhotela nasemafulethini okuhlaliswe kuwo abakhahlanyezwa yizikhukhula.
Uthe ingu-R128 million imali edingwa wuhulumeni ukuze uqhubeke ukhokhele abangu-1 200 abasala dengwane ngenxa yezikhukhula.
ABAGILWA yzikhukhula abakhishelwe ngaphandle kwehhotela iBayside eThekwini
Image: SIBONELO NGCOBO
Kubagilwa bezikhukhula abahlaliswe ezindaweni ezehlukene okukhona kuzo amahhotela namafulethi, kukhona nabakhahlanyezwa yizikhukhula zango-Ephreli 2022.
Uma uhulumeni ewuthola lo-R128 million othi uyadingeka ukuze uqhubeke ukhokhele abagilwa kulezi zindawo zesikhashana abagcinwe kuzo, kusho ukuthi izoba wuR313 million isiyonke imali ezosebenza kulolu hlelo.
Omunye wabagilwa, uMnuz Siyabonga Mthethwa ulibeke ngesihloko elokuthi iyabadina eyokuthi kudlalwe ngabo.
"Ngesikhathi sisuswa eLamont, izikhulu zikahulumeni zazithe sesizokwakhelwa izindlu uma siphuma la sizoya ezindlini zethu esizokwakhelwa zona," kusho uMthethwa.
Phakathi kwababalile ukuthi benza lezi zethembiso wuMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, uNdunankulu wesifundazwe nobuholi bukamasipala, athe bonke bafika qathatha eBayside, bezokwenza lezi zethembiso.
Uthe basola ukuthi idliwe imali yokuthi bakhelwe ngoba babethenjiswe ukuthi umnyakazo uzoqala ukubonakala ezinyangeni ezinhlanu kuya kweziyisithupha.
"Kodwa manje akukaqali lutho. Sizithola silele emnyango," usho kanje.
Uthe ukukhishwa kwabo phandle kushaye kwazwela ngoba kubona kukhona izingane ezincane, ezinye zazo ezisanda kuzalwa, ezilale emoyeni.
"Kukhona nogogo, nabantu abadala, esilele nabo la. Izikhulu zikahulumeni zona zilele kamnandi emizini yazo zifudumele," kusho uMthethwa.
Uthe kwasekuqaleni babeshilo ukuthi bafuna izindlu hhayi amahhotela abizayo.
"Imali sebeyiqedile ke manje, yikho sesikhishelwa phandle," usho kanje.
Uthe abafuni ukuya ehholo laseChesterville, uMnyango wokuHlaliswa kwaBantu esifundazweni, osuhlele ukuthi bayocupha kulo isikhashana.
"Imiphakathi ihlale isixosha. Njengoba sila, sisuka kwelaseChatsworth, la basixosha khona," kusho uMthethwa, othe ngisho nakwelaseLamontville baxoshwa.
Ukhale nangokuthi ukuyohlala eChesterville kuzobashaya ephaketheni ngoba bazokhokha imali ephindiwe yokugibela beya emsebenzini baphinde bagibeze izingane ezifundayo.
USibiya uthe: "Kubi ukuthi abanikazi behhotela bavele baxosha abantu ngale kokuxoxisana nohulumeni. Sithole izolo (esho ngoLwesithathu) ukuthi sebexoshiwe."
Uveze nokuthi sebelwenzile uhlelo lokuthi abagilwa bayohlaliswa ehholo lomphakathi eChesterville.
Uthe bazitholile izikhalo zokuthi kukhona idlanzana elisabisa abafuna ukuya eChesterville okwesikhashana ngesikhathi uMphathiswa uMnuz Siboniso Duma noNgqongqoshe kazwelonke walo mnyango uNksz Thembi Simelane, besaqhamuka nesixazululo.
"UDuma unxusa abafuna ukuya eChesterville ukuthi bahambe ngaphandle kokusatshiswa," usho kanje.
Ubalule nezingqinamba umnyango obhekene nazo ngolwabezikhukhula, ethi abakhi ebebeyoqala umsebenzi wokwakha izindlu zezisulu eShallcross, baxoshwa ngezibhamu.
"Nathi sasatshiswa, kwaqhunyiswa ngisho izibhamu. Le nto isibuyisela emuva. Asifuni ukubona imiphakathi ivimba uhlelo lokuhlaliswa kwabakhahlanyezwa yizikhukhula," kusho uSibiya.
Related Topics: