UMYALELO ovela kuMasipala weTheku osezikhungweni zezempilo
Image: Sithuyelwe
IZIGULI eziya okokuqala ngqa emitholampilo yaseThekwini sezigqugquzelwe ukuthi ziqinisekise ukuthi ziyabaphatha omazisi bazo uma zivakashela lezi zikhungo ngenhloso yokuthola usizo lwezempilo.
Lokhu kucaciswe wuphiko lwezokuxhumana kuMasipala weTheku, izolo kulandela ukuzungeza kwesithombe esishiya imibuzo ngalokhu ezinkundleni zokuxhumana ngempelasonto.
Kulesi sithombe esibonakalisa ukuthi siyisaziso esifakwe ezikhungweni zomkhandlu, kubhalwe ukuthi: “Phatha umazisi wakho uma uza emtholampilo.”
Ukuvela kwalesi sithombe ezinkundleni zokuxhumana kushiye abaningi bezibuza ukuthi ngabe imitholampilo yaseThekwini isiyalela iziguli ukuthi ziphathe omazisi bazo uma ziza ezikhungweni ngenxa yemikhankaso yenhlangano iMarch and March, echitha abokufika abakuleli ngokungemthetho ukuthi bahambele izikhungo zezempilo.
Isitatimende esikhishwe ngumasipala sithe, abantu bayakuhlanekezela okuqondwe ngalesi saziso.
“Abantu sebecabanga ukuthi abantu abeza ezikhungweni bengabaphethe omazisi bayanqatshelwa ukuthi bangene okuyinto engesilo iqiniso,” kusho isitatimende.
Sithe lokhu kungenye yenqubomgomo ukuthi iziguli ezivakashela noma yimuphi umtholampilo kamasipala okokuqala, ziyalelwe ukuba ziphathe omazisi bazo.
“Lokhu kusuke kushiwo ngenhloso yokuthi zivulelwe amafayela. Uma isiguli sesivulelwe ifayela, asibe sisaba khona isidingo sokuthi siphathe umazisi waso uma siphinda sivakashela isikhungo,” sisho kanje.
Kuqubuka lokhu kukhuluma nje, inhlangano iMarch and March iqale imikhankaso yayo ngeledlule, lapho ihambela khona izikhungo zezempilo zikahulumeni.
Amalungu ale nhlangano akanisa amasangweni ezikhungo, amise abokufika kuleli, abayalele ukuba baveze amaphepha abagunyaza ukuba kuleli ngaphambi kokuba bangene ezikhungweni.
Lokhu kususe umsindo, abanye bekweseka okwenziwa amalungu ale nhlangano, ngesikhathi ezinye izinhlaka ziveza ukuthi ekwenzayo, akukho emthethweni.
Inhlangano yamalungelo abantu iSouth African Human Rights Commission (SAHRC) iphumele obala yathi uMthethosisekelo uthi wonke umuntu ongaphakathi emgceleni wakuleli, unelungelo lokunikwa usizo lwezempilo ezikhungweni zikahulumeni.
Ithe lokhu kubandakanya nabokufika abakuleli ngokungemthetho.
NoMnyango wezeMpilo usho okufanayo, wathi nakuba ungahambisani nendaba yabokufika abakuleli ngokungemthetho, kodwa lokho akusho ukuthi lolu hlobo lobugebengu, lokuthi babe kuleli ngaphandle kwemvume luchaza ukuthi akuliwe nalo ngobunye ubugebengu bokuthi bavinjwe.
IMarch and March iveze ukuthi izomashela emahhovisi eSAHRC ngoJulayi 17, iyozwakalisa ilaka layo ngokuhlanekezelwa koMthethosisekelo yile nhlangano yamalungelo abantu.
Iphinde yathi nakuba igxekwa yizinhlaka ezithile futhi amalungu ayo esongelwa ngokubulawa, ngeke iyeke ukukanisa ezikhungweni zezempilo, iqhubeke nemikhankaso yayo.
Related Topics: