Izindaba

Inenge ijaji eyommangalelwa obezama ukubuyisela icala emuva

Zimbili Vilakazi|Published

ABAMANGALELWA uSfundo Bhengu (ngaphambili) noBongani Jali sebehla beshona emgodini njengoba kuqhubeka ukwethulwa kokwehlulela ecaleni lokubulawa komfundi

Image: Zimbili Vilakazi

LIGCINE linengekile ijaji enkantolo eNkulu yaseThekwini izolo lathi ngeke liyibekezelele indaba kammangalelwa obelokhu ephakamisa isandla, ezama ukuphazamisa ngesikhathi kuqhubeka icala lokubulawa kowayengumfundi waseDurban Girls Secondary.

UWandile Ngcobo (17) owayefunda uGrade 11, wagwazwa, wabulawa kubo kwa-U eMlaza ngoMeyi nyakenye.

Kwaboshwa ummangalelwa wokuqala uSfundo Bhengu (39) noBongani Jali (24).

UJali wayengumakhelwane, umuzi wakubo, ungaphesheya komuzi wakubo kamufi.

Ngosuku lwesigameko, kuthiwa umufi wahlaselwa esele yedwa ekhaya, engayile esikoleni.

Kuthiwa uyise nodadewabo kamufi babehambe ngokuhlukana ekuseni beya emsebenzini nasesikoleni.g

UMUFI uWandile Ngcobo (17) owabulawa ngokugwazwa ekubo

Image: SIGCINIWE

Izolo ijaji uGarth Harrison, bese lilungiselela ukwendlalela ukwahlulela kwalo ngesikhathi uJali ephakamisa isandla maqede ummeli wakhe, u-Advocate Phumelele Daniso waya kuye.

"Engimumele uthi unephepha aliphethe afuna ukulifundela inkantolo," kusho uDaniso, othe akazi ukuthi kubhalweni ephepheni ngakho ucela ukuthi kuthathwe ikhefu kancane ukuze ayifunde le ncwadi, axoxe kafushane naye ngayo, bese etshela inkantolo.

UHarrison ubuze ukuthi ngabe uJali ufuna ukuthi kubuyelwe emuva yini ecaleni kwazise inkantolo isisesigabeni sokwethula ukwahlulela?

UDaniso ubuye wabuyela kuJali, obesephakamise isandla okwesibili, wamtshela ukuthi impela kukhona ofakazi ababili afuna ukubabiza.

"Ufuna ukubiza ofakazi ababili. Kubona kukhona nonina. Ngiyaqonda ukuthi asikho isidingo salokhu ngoba lo fakazi akabalulekile. Ngizamile ukubonisana nekhasimende lami ngalokhu kodwa lezwakalisa ukuthi yilokho elikudingayo," kusho uDaniso.

UJali, emva kokuphakamisa isandla okwesithathu uveze ukuthi kahle hle ofakazi afuna ukuthi baqale phansi bazokwethula ubufakazi enkantolo, abazali bakhe bobabili.

UHarrison ebuza uMbuso, ngomlomo ka-Adv Krishen Shah ukuthi kuthini ukuphawula kwawo, uthe ummangalelwa unalo ilungelo lokuphakamisa ukuthi kubuyelwe emuva kodwa uma kukhona ofakazi abangaletha ubufakazi obubalulekile, obuzomlekelela ecaleni.

"Uma ummangalelwa esefuna kubizwe abazali bakhe manje, yini abazoyisho manje ezokwenza umehluko ecaleni? Babekhona yini ngesikhathi enza icala? Mina ngiphakamisa ukuthi icala kufanele lifinyelele esiphethweni," kusho uShah.

UHarrison unqume ukuthi kungabuyelwa emuva, ethi akaboni ukuthi ofakazi abasha bazoletha buphi ubufakazi obuzomsiza manje ummangalelwa ecaleni.

UJali uphinde waphakamisa isandla futhi, okuthe uma uDaniso eyozwa ukuthi ufuna ukuthini, wathola ukuthi ufuna ukuveza ukuthi owesithathu ufakazi afuna abizwe, wumphenyi wecala.

Lokhu kuvele kwamangaza wonke umuntu, uHarrison wagcina ethi: "Uma sengiqala ukwethula ukwahlulela kwami, ngeke ngilokhu ngiyingena eyokuphazanyiswa."

Eseqala ukwethula ukwahlulela kwakhe, uHarrison ucaphune ngamafuphi konke okwahlaluka kofakazi abehlukene abethula ubufakazi phambi kwenkantolo.

Phakathi kwabo kukhona uyise kamufi uMnuz Mondli Ngcobo, umakhelwane uMnuz Sizwe Mthembu owababona abasolwa emva kokwenza icala, umasitende kammangalelwa wokuqala uMnuz Mxolisi Ngcobo owathola ezinye zezimpahla ezazebiwe emqashweni.

Ukwahluleka kukaHarrison kuyaqhubeka namhlanje.