Izindaba

Iyashuba eyokulwa nabokufika abakuleli ngokungemthetho

Zimbili Vilakazi|Published

The Helen Suzman Foundation ishubisa eyabahlasela abakuleli ngokungemthetho

Image: Sigciniwe

SEBEYASATSHISWA abenhlangano elwa nabokufika abakuleli ngokungemthetho, iMarch and March, abanye babo asebevule icala emaphoyiseni.

Le nhlangano izomashela emahhovisi eSouth African Human Rights Commission (SAHRC) naweHelen Suzman Foundation ngoJulayi 17.

Izokwenza lokhu kulandela ukuphawula kwalezi zinhlangano zomphakathi, ikhala ngokuxoshwa kwabokufika kwezinye zezikhungo zezempilo zikahulumeni KwaZulu-Natal naseGoli.

Kusuka ngesonto eledlule, amalungu eMarch and March abekanise ezibhedlela zikahulumeni ezifana ne-Addington eThekwini, ephoqa abokufika ukuthi baveze amaphepha abagunyaza ukuba babe kuleli ngaphambi kokuba bangene esibhedlela.

Ekhuluma neSolezwe, umsunguli weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma, uthe okuzoyobamashisa emahhovisi alezi zinhlangano ukuthi ziyawuhlanekezela uMthethosisekelo.

“Sifuna ukuthumela umyalezo wokuthi abayeke ukusebenzisa uMthethosisekelo ukuphikisana nezidingo zabantu baseNingizimu Afrika,” kusho uNkk Ngobese-Zuma.

Uthe lezi zinhlangano azikwazi ukusebenzisa uMthethosisekelo ukubeka phambili abantu bokufika abakuleli ngokungemthetho.

Uqinisekise nezinsolo zokuthi bathola izinsongo kubantu bokufika, bebasabisa ngokubabulala.

“Mina bangithumelela imiyalezo ezinkundleni zokuxhumana, abanye bethu (okufaka phakathi nosihlalo weMarch and March) babasabisa ubuso nobuso,” usho kanje.

Uthe likhona icala lokusabisa elivulwe usihlalo, kulandela izinsongo azithole ngeledlule. Udalule nokuthi abanezinombolo zabo, bayabafonela babasongele ezingcingweni.

Udalule ukuthi ziyethusa izinto abazitholayo njengoba kuqhubeka le mikhankaso

“Ngale kokuthi abanye abanamaphepha, abanye basikhombisa amaphepha omgunyathi, abanye basikhombise omazisi abayinhlobo endala (green book) kodwa abakhombisa ukuthi bashaye emasontweni edlule,” kusho uNkk Ngobese-Zuma.

Uthe uMnyango wezaseKhaya osekunesikhathi bezama ukuthi usondele ukuze basebenzisane, awuyingeni.

“Mhlawumbe banovalo lokuthi kukhona abangakwenzi kahle, asazi. Amaphoyisa ayazama ukungenelela kodwa kufanele imizamo yawo ihlangatshezwe yizinhlaka ezifana nawo uMnyango wezaseKhaya,” usho kanje.

Unxuse zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika ukuthi zisukume zilwe nendaba yabokufika abakuleli ngokungemthetho ngoba mkhulu umonakalo abawudalayo.

“Banesibindi sokuza ezweni lethu bazokwenza izinto ezehlukene, bangagcini lapho, babe nesibindi sokusisabisa. Sibi isimo. Izingane zethu ngeke zibe nakusasa uma kungaliwa nale nto,” usho kanje.

Inhlangano yamalungelo abantu, iSouth African Human Rights (SAHRC), ikhumbuze izakhamuzi nezinhlaka ezithintekayo ukuthi ilungelo lokuya ezikhungweni zezempilo elawo wonke umuntu okuleli.

“UMthethosisekelo uthi wonke umuntu oseNingizimu Afrika - kungakhathalekile ukuthi buthini ubuzwe bakhe, ulana ngokusemthethweni noma ngokungemthetho, ibala, ubulili, iminyaka yokuzalwa - uvumelekile ukuthi athole usizo lwezempilo."

Ithe: “Kufanele sikucacise ukuthi abekho abantu abanelungelo lokuvimba abanye ukuba bangene ezikhungweni zezempilo ukuzama ukuphoqelela imithetho yokungena kuleli. Amandla okuhlola, ukubopha nokugcina abokufika abakuleli ngokungemthetho, anikwe uMnyango wezaseKhaya, bese belekelelwa ngamaphoyisa uma kunesidingo."

Okhulumela uMnyango wezeMpilo kuzwelonke, uMnuz Foster Mohale ekhuluma nabesiteshi sezindaba sikamabonakude, uthe akungatshazwa ukuthi indaba yabakuleli ngokungemthetho inomthelela omubi kuleli.

Uthe nakuba kunjalo, kodwa ngeke kushintshe imithetho yezwe ukuze ihambisane nalabo abangayizwa eyabokufika abakuleli ngokungemthetho. 

Uqhube wathi bayakuqonda ukukhathazeka kwezinhlaka ezilwa nalabo abakuleli ngokungemthetho kodwa wathi akufanele zilungise ubugebengu ngobugebengu.

“Uma kukhona umuntu omaziyo ukuthi ukuleli ngokungemthetho, mbike ezinhlakeni ezifanele ezifana noMnyango wezaseKhaya, kwabaqaphe emingceleni noma emaphoyiseni ukuze babuyiselwe emazweni abo,” usho kanje.

Ibamba lokhulumela uhulumeni, uNksz Nomonde Mnukwa, lithe bakhathazekile ngokuvinjwa kwabokufika ezikhugweni zomphakathi ngoba akwamukelekile ukuzithathela umthetho.

Lithe abezomthetho bayabhekana nabokufika abakuleli ngokungemthetho futhi kuqiniswa nemingcele.

"Amaphoyisa noMnyango wezeMpilo azojuba uphiko oluqapha izibhelu ezikhungweni zezempilo ukuze kube nokuthula. Bazothathelwa izinyathelo abazozithathela umthetho, baphazamise iziguli kanti bazoboshwa nalabo abaphula umthetho wokuba kuleli."