Izindaba

Ukhale ngesabelomali esingenele seNSFAS

Mhlengi Shangase|Published

Ungqongqoshe weMfundo ePhakeme uDkt Nobuhle Nkabane.

Image: Facebook

PHEZU kokuba inyuka minyaka yonke imali yokuxhasa izitshudeni esikhwameni iNational Students' Financial Aid Scheme (NSFAS), kodwa ayenele ukubhekana nomthamo okhula njalo wezitshudeni.

Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uDkt Nobuhle Nkabane izolo, ethula isabelomali sikaR142.4 billion, ePhalamende eKapa.

Lesi sabelomali kulindeleke ukuthi sikhule siye kuR150 billion, onyakeni ozayo wezimali. INSFAS yabelwe uR48.7 billion kulo nyaka wezimali kanti ngonyaka ozayo izonyuka iye kuR50 billion.

UDkt Nkabane uthe noma sinyuka isabelomali kodwa asenele ukubhekana nezidingo ezikhulayo.

"Noma inyuka minyaka yonke imali eyabelwe umnyango kodwa ayenele ukubhekana nezidingo. Ziningi nezinye izinsiza ezidingekayo," usho kanje.

INSFAS ixhase izitshudeni ezingu-811 011, abangu-580 000 kulaba abasemanyuvesi kuthi abangu-231 000 abasemakolishi amakhono amaTVET.

Uveze ukuthi amakolishi ama-TVET, abelwe uR14 billion kulo nyaka esuka kuR13.1 billion. 

UDkt Nkabane uthe bayaqhubeka nokufuqa umkhankaso wokuthi la makolishi abe yizikhungo ezizofika kuqala emiqondweni yezitshudeni uma ziqeda u-matric.

"Asifuni kube yizikhungo lapho bezoya khona ngoba sebelahlela. Ukuba yi-artisan yiwona mgogodla wezwe elinomnotho okhulayo." 

Uveze nokuthi nemali eyabelwe ukuphucula amakhono namaSETA izoba nguR26 billion, ngonyaka ozayo izokhula iye kuR27.8 billlion.

Ubalule nokuthi isabelo samanyuvesi sizoba nguR96 billion, sisuka kuR91.7 billion.

"Le mali kulindeleke ukuthi iye kuR100 billion ngo-2026. Ishoda cishe ngo-R1.4 billion imali ehlinzekwa amanyuvesi."

Amanye amaqembu okuyi-DA ne-EFF asichithile isabelomali ekhala ngezinto eziningi okubalwa nokuthi asibhekeli izitshudeni.

La maqembu aphakamise ukuthi kubuyekezwe iNSFAS ngoba ayizisizi izitshudeni zakuleli.