Izindaba

SIGOQA ISONTO: Ezimnandi emakhosini aseKZN noma esedla endala

sabelo mbatha|Published

uMfu Thulasizwe Buthelezi

Image: Sigciniwe

KUBE yinjabulo emakhosini ngesikhathi uMnyango wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, wethula uhlelo lwesikhwama sempesheni yawo, usizo lokwelashwa nomasingcwabisane emcimbini obusesiShayamthetho oLundi izolo.

UMphathiswa walo Mnyango, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ekhuluma namakhosi emhlanganweni oyisipesheli weNdlu yoMdabu kulesi sifundazwe, uthe nonobhala bezinkantolo zamakhosi, izinduna namabambabukhosi bazohlomula ohlelweni lwezimpesheni oluzoqala ngoSepthemba 1, kulo nyaka.

Lezi zinhlelo umnyango uzenze ngokubambisana nebhange iStandard Bank nezinkampani zosizo lokwelashwa iBonitas neDiscovery. UButhelezi uthe okumthokozisayo wukuthi amakhosi asezokwazi ukuthatha umhlalaphansi kodwa ebe ehlomula okuyinto abengakwazi ukuyenza ngoba engenayo impesheni futhi azophinde akwazi ukwelashwa ezibhedlela ezizimele ngendlela esheshayo nesezingeni elifanele.  

"Namhlanje sihambisana nebhange elikhulukazi eNingizimu Africa, iStandard Bank, eselenze izinhlelo esingakwazi ukwelekelela ngazo amakhosi, ikakhulukazi ezintweni ezithinta ukugcinwa kwemali yempesheni, omasingcwabisane, usizo lokwelashwa nokulondolozwa nje kwemali, osekuyisakhathi eside amakhosi ekhala ngakho ngoba bonke abasebenzi bakahulumeni kanye nosopolitiki bayahlomula kepha amakhosi abevalelwe ngaphandle kulezi zinhlelo," kusho uButhelezi.

Uthe lolu suku lumqoka kakhulu emnyangweni wakhe ngoba luzofakazela izimiso zabo abahlose ngazo ukubuyisa isithunzi sobukhosi.

UButhelezi uthe kuyichilo ukuthi eminyakeni engu-30, kusakhulunywa izinto ezifana nalezi ebezethulwa izolo okwakufanele ngabe zaqala kudala.

Amakhosi amaningi aseNdlunkulu aze akhothama, engenasithunzi ethenjiswa into engekho ngosopolitiki ababenezinhloso zabo. Kodwa manje ngiyethembisa makhosi ukuthi zishintshile izinto, seligaya ngomunye umhlathi."

Uphinde wahlaba ikhwelo lokuba kubuyekezwe uMthethosisekelo ukuze kucaciswe iqhaza lamakhosi. "Kulezi zinsuku kukhona izinhlelo zokubuyekeza ezinye izigatshana emithethweni ethize. Ngike ngakuphakamisa makhosi ukuthi kufanele sisebenzise le ntuba esivuliwe ukuba kuchitshiyelwe uMthethosisekelo, ukuze ucacise kabanzi ukusebenza kwamakhosi, amandla namagunya anikezwe amakhosi ngokunjalo nokusebenza kwezinkantolo zamakhosi," kusho uButhelezi.