Kuphazamiseke ukugwetshwa kowayeyiphoyisa ecaleni lokubulawa kowe-ANC
Image: Sigciniwe
KUPHINDE kwaphazamiseka ukugwetshwa kowayeyiphoyisa elalinesikhundla esiphezulu, uKhephu Ndlovu nabanye abane eNkantolo yesiFunda yasePinetown izolo, omunye wabameli enza isiphakamiso sokuthi imantshi eyengamele icala mayihoxe kuleli cala.
UKhephu, ongummangalelwa wesibili kuleli cala, uzakwabo emaphoyiseni uBonginkosi Dlamini ongummangalelwa wokuqala, uFelokwakhe Ndlovu, Sibongile Ndlovu noLindokuhle Ndlovu balahlwa yicala lokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho kanjalo nelenkohlakalo.
Kuthiwa uKhephu noDlamini bamukela imali engu-R120 000, ukuze bashabalalise ubufakazi becala lokubulawa kowayeyilungu eliqavile le-ANC, KwaNdengezi.
Kwavela ukuthi laba ababili bamukela le mali kuSibongile Ndlovu, (ongummangalelwa wesine ecaleni) endaweni epaka izimoto phakathi esiteshini samaphoyisa iDurban Central.
Kuthiwa ngale mali uSibongile wayehlose ukuthi umyeni wakhe uFelokwakhe (ongummangalelwa wesithathu ecaleni) aphunyuke ecaleni lokubulala umzala wakhe uMnuz Thulani Nxumalo owayephinde abe wumholi wegatsha le-ANC KwaNdengezi.
UNxumalo wabulawa wuNkosinathi Mbambo ngo-2018, emva kokukhokhelwa uR2 000 wuFelokwakhe.
UFelokwakhe waboshwa wuDlamini. Wagcina egwetshwa udilikajele yiNkantolo eNkulu yaseThekwini ngo-Ephreli 2023, emva kokumlahla ngecala lokubulala uNxumalo.
Efaka isicelo sokuthi imantshi ihoxe kuleli cala u-Advocate John Broster, ongummeli kaDlamini, uthe ukwenza lokhu emva kokuba imantshi uMnuz Muntukayise Khumalo, ikhiphe isinqumo esiwujuqu sokuthi ngeke luyiswe kwenye inkantolo ukuze lubuyekezwe olwesinqumo eyasenza phambilini, sokunqaba ukuthi kubuyiswe omunye ufakazi owayesefakazile kuleli cala.
Lowo fakazi kuthiwa wayesefakaze waqeda ngesikhathi uDlamini esemelwe omunye ummeli.
Kuvela ukuthi ngesikhathi sekufika u-Adv Broster owangena endaweni yalowo mmeli, wenza isiphakamiso sokuthi lo fakazi abizwe okwesibili azompheka ngemibuzo, okwaba yinto uKhumalo ayinqabayo, ngelithi ubufakazi balo fakazi vele abunamthelela ongakanani ecaleni.
UBroster ubephakamise ukuthi kuhlehliselwe uDisemba 2025, ukugwetshwa kwabamangalelwa, ethi lesi sikhathi sizokwanela ukuthi kubuyekezwe isinqumo sikaKhumalo.
Uveze ukuthi ukuba wanikwa ithuba lokuhloma ngemibuzo lo fakazi, mhlawumbe ngabe inkantolo ayifikanga ekutheni imlahle ngecala uDlamini nozakwabo.
UBroster akafunanga nakuyizwa eyomshushisi woMbuso u-Adv Lawrence Gcaba, ngesikhathi ephakamisa ukuthi akayeke inkantolo iqhubeke nokuwisa isigwebo iqede bese enza isicelo sokubuyekeza emva kwalokho.
“Nakuba kufanele kubhekelelwe amalungelo abamangalelwa, kodwa kufanele inkantolo ibacabangele nalabo abafuna ukubona kwenzeka ubulungiswa ngecala okukhona kubo abagilwa kanjalo nomphakathi olilandelayo,” kusho uGcaba.
Yize inkantolo ihambe emazwini kaGcaba ngesikhathi isiveza ukuthi ngeke ivume isinqumo sayo siyobuyekezwa kwenye inkantolo, noBroster ukhombise ukungayizwa leyo, okuyilapho ephakamise khona ukuthi ngokomyalelo wekhasimende lakhe, uzofaka isicelo sokuthi imantshi ihoxe ukwengamela icala.
UKhumalo ufike kulesi sinqumo emva kokufunda inqwaba yezibonelo zokwahlulela okufanayo, okwenziwa amajaji ehlukene kwamanye amacala acishe afane.
Kuzona bekuvela ukuthi ijaji noma imantshi inalo ilungelo lokunquma ukuthi angabizwa okwesibili ufakazi osefakaze waqeda.
UKhumalo ugcine enquma ukuthi uBroster nabanye abameli abangafisa ukumjoyina esicelweni sakhe kufanele baqinisekise ukuthi bafaka amaphepha okwenza njalo ungakashayi uJulayi 18 kulo nyaka.
Ube eseyalela uMbuso ukuthi wona kufanele uphendule abameli esicelweni sabo ungakashayi u-Agasti 1 kulo nyaka.
Ube esethi abameli nabo kufanele baphendule okuzoshiwo wuMbuso ungakashayi u-Agasti 15, kulo nyaka.
Konke lokhu bayalelwe ukuthi bakwenze ngama-email, bese kuze kuziwe enkantolo ngo-Agasti 22.
Enkantolo bekugcwele, kwaze kwaphela indawo yokuhlala, kwabakhona okuphoqeleka ukuthi bame.
USibongile obebukeka engakhathazekile kangako, futhi eswenke econsa, waze wapenda nomlomo, ucele umndeni wakhe ukuba umlethele izinto ezifudumalayo.
“Ngicela ningilethele izinto ezifudumalayo, o-poloneck namasokisi anovolo phakathi, kuyabanda ejele,” kusho uSibongile.
UKhephu naye obebukeka ezikhululekele, ubelokhu ebingelela abathandiweyo bakhe, abanye baze bamthakazele ngokuthi 'Gatsheni'. Ngaphambi kokuqala kwecala, kubonakale isihlobo singena nebhantshi elihle, sehla nalo sayongena emgodini, kuthe sebenyuka abamangalelwa sekuqala icala, leli bhantshi bese ligqokwe wuKhephu.
Bonke abamangalelwa bagcinwe ejele laseWestville.
Related Topics: