KUCHITHWA ukuqashwa kukaNksz Yali Joyi njengomphathi wezezimali eMnyangweni wezeMfundo KwaZulu-Natal ekubeni asula komunye umnyango ebhekene nawenkohlakalo
Image: X/ KZN Education
KUVUNGAME namaqembu ezepolitiki KwaZulu-Natal ngokuqashwa kwesikhulu esizophatha ezezimali eMnyangweni wezeMfundo esifundazweni, esisule eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, silandelwa yifu lenkohlakalo.
Amaqembu okuyi-DA ne-EFF, kanjalo nezinyunyana zothisha iSadtu, Natu neNaptosa, bayaveva ngesinqumo salo mnyango sokuqasha uNksz Yali Joyi. Bafuna uMphathiswa wezeMfundo, uMnuz Sipho Hlomuka, abuyekeze ukuqokwa kukaNksz Joyi,
UNobhala weSadtu, uNksz Nomarashiya Caluza, uthe badumele ngokuqashwa kukaNksz Joyi ngoba kuyaziwa ukuthi wasula eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana, ngaphansi kwefu lezinsolo zenkohlakalo.
Uthe uMnyango wezeMfundo unezinkinga zemali ngakho akudingeki kube nobudedengu okuzocwilisa lo mnyango, wathi uyazi ukuthi umuntu umsulwa aze alahlwe yicala kodwa bazwile ukuthi wasula ngaphambi kokuqondiswa ubugwegwe.
"Sifuna ukubona umbiko wophenyo omveza ukuthi akathinteki enkohlakalweni. Sifuna ukuhlangana nomphathiswa kanjalo nenhloko yomnyango ukuze sithole umbono wabo. Sizoya nakwiPublic Service Commission noMvikeli woMphakathi, sifuna baphenye lolu daba. Siyakuchitha ukuqokwa kwakhe size sithole ukuthi akathinteki ezinsolweni zenkohlakalo," usho kanje.
Isitatimende seNatu sithe ishaqekile le nyunyana ngokuqokwa kukaNksz Joyi ngoba wasula engazange aligeze igama lakhe emnyangweni asuka kuwona ezinsolweni zenkohlakalo.
Ithe umnyango ubhekene nezinkinga zezezimali ngakho awufuni kube nomuntu onefu lenkohlakalo ekhanda lawo.
"Ukuqokwa kwakhe nguHlomuka kukhomba ukuthi ukungaziphathi ngendlela komuntu akujeziswa kodwa kuyaklonyeliswa. Sinxusa umnyango asuka kuwona ukuthi udedele umbiko wawo ngaye uNksz Joyi," sisho kanje.
INaptosa ithe umnyango kumele uchaze ngokuqokwa kukaNksz Joyi.
"Umnyango omkhulu onesabelomali esikhulu ngakho awukwazi ukuthi isikhundla sezezimali singanikwa umuntu okunemibuzo ngaye. Washiya lapho evela khona engazange aphendule ngezinsolo ayebekwe zona."
Okhulumela i-DA kwezemfundo esifundazweni, uMnuz Sakhile Mngadi, uthe bafuna kubuyekezwe ukuqashwa kwakhe, noma bamnqumela okatiki uHlomuka ukuthi abhekane nomthetho.
"Uma engayibuyekezi eyokumqasha, sizodlulisela udaba kuNdunankulu, kwiPublic Service Commission, kuMvikeli woMphakathi nakuNgqongqoshe weMfundo kuzwelonke. Sesimbhalele uHlomuka mayelana nalolu daba," usho kanje.
Ukhale ngokuthi wamiswa nyakenye uNksz Joyi ngezinsolo zenkohlakalo, wase ejaha ukusula kulo nyaka.
"Ukuqokwa kwakhe kuveza isithombe sokuthi umuntu osuke enze okuphambene nomthetho, uyahlonyuliswa. Asikwazi ukuthi kungalethwa umuntu ofuze lo emnyangweni."
I-EFF ithe iyakuchitha ukuqokwa kwakhe kwezemfundo, yathi akakulungele ukuzokwengamela imali zomnyango wezemfundo.
Ithe lo mnyango ubhekene nengwadla yemali ngakho kuwukuhluleka kukahulumeni wokubambisana kwamaqembu ukujezisa abasuke bebhekene namacala enkohlakalo.
"Sifuna kuchithwe ukuqashwa kwakhe emnyangweni, kukhishwe nombiko ogcwele ngokumiswa kwakhe eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana. Ngeke sithule sibona kwenzeka inkohlakalo."
Umnyango kaHlomuka umemezele ukuqokwa kwakhe kuleli sonto.
Related Topics: