Izindaba

Basola ukwenzelela ngephoyisa 'elashayisa' umfundi wafa

Zimbili Vilakazi|Published

UMUFI uKwanele Dlamini

Image: SITHUNYELWE

USOLA ukwenzelela ngephoyisa okuthiwa lashayisa abafundi abathathu, oyedwa wagcina eshonela esibhedlela, umndeni kamufi waseGezubuso, eMgungundlovu.

Ngokusho kwesihlobo esicele ukungadalulwa, uKwanele Dlamini (15), ugcine eshonela esibhedlela ngoJuni 21, emva kokushintshashintsha izibhedlela kusukela ngosuku lwesigameko, uJuni 9, 2025. 

Silandisa ngesigameko isihlobo, sithe umufi nengane yakubo, nenye engesona isihlobo, babesendleleni beya ezikoleni zabo ngesikhathi behlelwa wumshophi.

“Kuthiwa babehamba ohlangothini olufanele bobathathu, nemoto ngesikhathi iza, yayihamba ohlangothini kwayo olufanele. Akwaziwa ukuthi kwenzekani, njengoba yagcina iza ohlangothini olwaluhambababafundi, yabashayisa,” kusho isihlobo.

Sithe zontathu izingane zangeniswa ezibhedlela ezehlukene, uKwanele, kuwuye osesimeni esibucayi.

“Wayiswa esibhedlela iGreys, yamdlulisela eNkosi Albert Luthuli, yona egcine imbuyisela eHarry Gwala (Edendale), esekhombisa izimpawu zokuba ngcono. Yilapho avele washonela khona,” kulandisa isihlobo.

Siveze ukuthi odokotela batshela umndeni ukuthi kukhona igazi elichitheke ekhanda, futhi cishe lachithekela ebuchosheni.

Sithi kuphele eside isikhathi engakhulumi engenzi lutho, uqale ukuvula amehlo nokukhuluma kancane esebuye e-Albert. 

Sithe bakhathazwa wukuthi bathole emva kwendaba ukuthi umuntu owashayisa abafundi uyiphoyisa futhi usebenza esiteshini samaphoyisa abavule kuso icala.

“Amaphoyisa awakaze asithinte. Sagcina ukuxhumana ngesikhathi sisendaweni yesigameko, emva kwalokho awakaze asithinte, asazise ukuthi kuqhubekani ngecala,” kusho isihlobo.

Sidalule ukuthi akukaze kube khona ukubambisana okuhle phakathi komndeni kamufi,  umsolwa nomndeni wakhe.

“Ngosuku lwesigameko akakhulumanga kahle nathi, wasitshela ukuthi yena wayengeke asuke kwakhe, asukele ukuyoshayisa izingane emgwaqweni,” sisho kanje.

Sibuye saveza nokuthi ngesikhathi bephakamisa ukuthi balekelelwe ngezindleko zokugqigqa e-Albert, iphoyisa lakhipha uR300, lathi yiwo elinawo.

“Kwathi uma sikhala ngokuthi sizofikaphi ngoR300, umndeni walo wathi kuphakathi kokuthi siyayithatha noma siyayiyeka imali,” usho kanje.

Sithe eseshonile umufi, babazisa, bacela ukuhlangatshezwa ngezindleko zomngcwabo, umndeni wephoyisa wathi uzolekelela ngezinkwa.

Siveze ukuthi bayichitha eyezinkwa, bathi badinga ukuhlangatshezwa ngo-R20 000 wezindleko zomngcwabo, wala waphetha umndeni wephoyisa, wagcina ukhipha u-R10 000. 

“Sifuna ubulungiswa, aboshwe uma kufanele, ajeze ngakwenzile. Sikhathazwa yindlela amaphoyisa asethule ngayo, ekubeni sesizwile ukuthi usebenza esiteshini samaphoyisa esivule kuso icala,” kusho isihlobo.

Lithintwa iphoyisa elisolwa ngokushayisa abafundi, lithe ukube intatheli ifone ngesikhathi esikahle, belizokhuluma. Likhale ngokubanjwa yisiminyaminya emgwaqweni, lacela ukuthi lifonelwe kahle namuhla ukuze libeke kahle uhlangothi lwalo.

Imizamo yokuthola ukuphawula kwamaphoyisa ayiphumelelanga.