ISIGUBHU esingu-5 litha okuthiwa owesifazane ushaye ngaso umfundi wafa
Image: REACTION UNIT SOUTH AFRICA
BASALE bebambe ongezansi eCornubia, eThekwini, owesifazane okuthiwa ubepopolwa yizingane ezishaye ngesigubhu samanzi kwashona eyodwa.
Lesi sehlakalo kuthiwa senzeke ngoMsombuluko kanti kusona kushone uVuyo Notana (16) obefunda uGrade 10 eForest Avenue Secondary, eVerulam.
Ngokusho kokhulumela inkampani yonogada iReaction Unit South Africa (Rusa), uMnuz Prem Balram, umufi nomngani wakhe bebelokhu bepopola lona wesifazane besebenzisa umnyango wasekhishini.
Uthe ngenxa yokudinwa yilo mkhuba ebebejwayele ukuwenza kulo wesifazane, ube esethatha isigubhu esingu-5 litre, ebesigcwele amanzi, washaya ngaso umufi.
“Isigubhu simshaye ekhanda wavele wawa. Lona wesifazane usolile ukuthi umfundi ushonile kodwa engenaso isiqiniseko,” kusho uBalram.
Uthe yilapho ebizele khona abeRusa endaweni yesigameko, bafika bathola umfundi edindilizile.
Uyise kamufi, uMnuz Ntuthuzelo Genu, uthe bayamsola lona wesifazane ngesenzo sakhe.
“Ingane uma yenza okuphambene, uyayibika kubazali bayo ukuze babe nolwazi lokuthi iyakuhlupha,” kusho uGenu.
Uthe bekungafanele ukuthi athathe isinqumo sokuthi aziqondisele yena ubugwegwe enganeni yabo.
“Buka ke manje uyibulele. Ukube ubeke wasibikela ukuthi iyamhlupha, mhlawumbe besizoyikhuza, bekungeke kuphethe ngokuthi asibulalele ingane,” kusho uGenu.
Uthe ngesikhathi kufika abantu kubona, bebabikela ngomshophi, bethi abaphuthume endaweni yesigameko, baqale bangakholwa.
“Sikholwe ngoba sesiyibona idindilizile ingane,” usho kanje.
Uthe ngokwabo bekufanele umsolwa azithwale zonke izindleko zomngcwabo, bese eqhubeka ke nokubhekana nengalo yomthetho.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseVerulam, abophe owesifazane oneminyaka engu-48 ngecala lokubulala.
“Lokhu kuze emva kwesigameko lapho umfana oneminyaka engu-16, ebulewe eCornubia ngoMsombuluko,” kusho uConstable Ngcobo.
Uthe kulindeleke ukuthi umsolwa avele eNkantolo yeMantshi yaseVerulam namhlanje.