ODUKILE uMnuz Vukani 'Man' Shangase
Image: KZN SAPS
UKHALA ngamaphoyisa amenzela phansi owesifazane waseNyamvubu, eGreytown, ngendodana osekuyophela izinyanga ezintathu idukile, kulandela ukulahleka izikhiphele edolobheni nabanye abalisa bendawo nomngani oyedwa.
UMnuz Vukani Victor Shangase (28), obedume ngelika-Man, kuthiwa waduka ngo-Ephreli 15 kanti kuvela ukuthi kwayehamba nabo, kukhona abagcina bemhlanganyela, bamshaya kanzima.
Unina ka-Man, uNksz Khumbuzile Zondi elandisa ngesehlo, uthe walandwa wumngani wakhe, ethi kuqashwe itekisi ukuze kuyiwe edolobheni, bayozijabulisa.
Uthe umuntu owayesingethe uhambo owesilisa wendawo, okuthiwa usanda kuphunyelwa yimali yeRoad Accident Fund (RAF).
“Sizwa kuthiwa baya ePhola Park, bosa inyama okuyilapho okwasuka khona isixakaxaka, kwaliwa,” kusho uNksz Zondi.
Uthe bathola ukuthi umuntu owashaywa, ehlanganyelwa nguye u-Man.
Uqhube wathi bathola ukuthi kwasukwa lapho kwayiwa e-Ori, okuyindawo edayisa utshwala, nakhona yafike yashaywa indodana yakhe.
Uthe kuvela izinkulumo ezingafani kulandela ukungabuyi kwakhe.
“Abanye bathi wavele waduba wahamba, abanye bathi wahamba ngemoto yesinye isihlobo sethu,” kusho uNksz Zondi.
Uthe uma bebuka okuqoshwe amakhamera ase-Ori, kuyabonakala bemshaya, bemhlanganyela maqede bamthatha, bamfaka emotweni yesihlobo ngempela.
Uveza ukuthi kwathi uma besibuza isihlobo, saphika ukuthi wahanjiswa naso, sithi wazihambela ngezinyawo, okuyinto engaveli emakhamereni.
“Umshayeli wetekisi naye wafika ekhaya emva kwezinsukwana, wakhuluma eyokuthi wamcelela emotweni yesihlobo sethu, esaba ukuthi bazoqhubeka bamshayele etekisini yakhe, uma beqhubeka nokugibela ndawonye,” kusho uNksz Zondi.
Uthe zilokhu zishintshashintsha izinto ezishiwoyo njengoba nalo mshayeli, engasafuni ukuyiphatha le afika wayisho kubona kusanda kuvela eyokuthi uMan, akabuyanga ohambeni lwasedolobheni.
Udalule ukuthi okunye okudidayo wukuthi kukhona igazi elalichaphazeleke ophahleni lwetekisi, elinye lisesihlalweni naphansi.
Uveze nokuthi ijakhethi yendodana yakhe yatholwa ekhaya loyedwa emva kwamasonto amathathu idukile.
“Kwathi uma ebuzwa ukuthi kungani ijakhethi yomntanami itholwa kuye, wathi ubesaba ukuyiletha,” kusho uNksz Zondi, othe iselula yendodana yakhe, namanje ayikaze itholakale.
Ukhale ngokuthi ababehambe noMan, bayazi ukuthi waphelelaphi.
“Angifuni ukuhloniza. Amphoyisa ahudula izinyawo ngalolu daba. Zonke izimpendulo zikhomba laba ayehamba nabo, kodwa akukho mnyakazo esibona amaphoyisa ewenza,” kusho uNksz Zondi.
Uthe asakubonile amaphoyisa ekwenza wukuthatha abathintekayo ‘ayohlala nabo ematafuleni’ ebapheka ngemibuzo, maqede abadedele.
Uqhube wathi ngisho ukucingiswa indodana yakhe awakwenzi, njengoba eba madolo nzima ngisho ukubatholela izinja ehogela umkhondo ngephunga.
“Linye iphoyisa elalisuka kude, elafika nenja, lenza umsebenzi ngokuzinikela. Lababuza imibuzo ozakwabo ngendlela abazithela ngabandayo ngayo odabeni lwendodana yami, baphendula into engezwakali,” usho kanje.
Uthe uyafisa ukuthi kutholakale ingane yakhe, njengoba engabuthi quthu ubuthongo selokhu yaduka.
Okhulumela amaphoyisa, uBrigadier Jay Naicker, uthe amaphoyisa aseGreytown anxusa umphakathi ukuba ulekelele ngomuntu olahlekile.
“UMnuz Vukani Victor Shangase (28), wagcina ukubonwa ngo-Ephreli 15, 2025 ngesikhathi ehamba nabangani bakhe eGreytown. Wayegqoke ijakhethi e-green, i-jean e-blue namateki amhlophe.
Uthe unsundu ngebala, mncane ngomzimba bese eba mude.
Related Topics: