The South African Democratic Teachers’ Union (SADTU)
Image: Independent Newspapers Archives
ZIYANDA izinkinga ezibhekene ne-ANC njengoba enye yezinyunyana zothisha ezinkulu kuleli iSadtu, isazonquma ukuthi wubani ezomvotela okhethweni lwangonyaka ozayo.
Le nyunyana enamalungu amaningi ngaphansi kweCosatu, izohlangana inqume ukuthi izovotela bani phakathi kwe-ANC neSACP. ISACP yaphumela obala yathi izongenela ukhetho ngokuzimela, okushiye i-ANC isenkingeni njengoba amaKhomanisi abevotela i-ANC okhethweni.
Emhlanganweni wakamuva wesigungu esiphezulu seSadtu, le nyunyana inqume ukuthi izobiza ingqungquthela eyisipesheli, lapho izonquma khona ukuthi izovotela bani.
Unobhala jikelele weSadtu uDkt Mugwena Maluleke, uthe bazobiza le ngqungquthela ekupheleni kwalo nyaka noma ekuqaleni konyaka ozayo, ukuze banqume.
"Asifuni kube nokudideka yingakho sizobiza le ngqungquthela ukuze sivumelane ngokuthi wubani esizomvotela. Okwamanje sisavotela i-ANC kodwa asazi emva kwengqungquthela ukuthi yiliphi igama lenhlangano esizophuma nalo siyiSadtu."
I-ANC yehlelwa wukwesekwa okhethweni lwango-2024, okwenza yabumba uhulumeni wokubambisana kwamaqembu ahlukene ngoba ingakwazanga ukuziphathela uhulumeni iyodwa.
Uma iSadtu inquma ukulaxaza i-ANC lokhu kuyosho ukuphinde yehlelwe ukwesekwa le nhlangano.
ISadtu ibuye ifune ukuthi kubuyekezwe uhlelo lokufunda nokufundisa izifundo ezicija abafundi ngezithinta ubuxhakaxhaka bamakhompyutha ezikoleni iCoding And Robotics.
Inxuse uMnyango weMfundo eyisiSekelo, ukuthi umise ukufuqa uhlelo lokufundiswa kwalezi zifundo ukuze zibuyekezwe. UMaluleke uthe bayakweseka ukufundwa kwalezi zifundo ngoba zicija abafundi ukuthi babe bukhali. Uthe kodwa bakhathazekile ngokuthi othisha abakakulungeli kahle ukufundisa lezi zifundo.
"Noma sizeseka ngoba zisiza abafundi kodwa akubanga nokuxhumana kahle ngendlela ngaphambi kokuba zifundwe. Okunye wukuthi othisha abakulungele ngendlela ukufundisa lezi zifundo ngoba abaqeqeshwanga ngokwanele. Yingakho sinqume ukuthi sinxenxe umnyango ukuthi umise kancane ukufuqa lezi zfundo ngaphansi kohlelo lokufunda nokufundisa iCAPS, kuze kubuyekezwe indaba yalezi zifundo," kusho uMaluleke.
Kuzokhumbuleka ukuthi lezi zifundo ziqalwe ngokuthi zizofakwa kancane bese kubonakala ukuthi othisha bayakwazi yini ukumelana nazo. Bezifundwa kodwa abafundi bengazibhali izivivinyo kulezi zifundo, kodwa muva nje sebeyazibhala izivivinyo zazo.
Ziqale emazingeni aphansi kulo nyaka ukufundwa ngokugcwele kanti ngonyaka ozayo kumele zenabele nakwamanye amabanga.
Related Topics: