Izindaba

Iyaqonga ingcindezi ebhekene nongqongqoshe 'owadelela ePhalamende'

Mhlengi Shangase|Published

UDkt Nobuhle Nkabane

Image: GCIS

ZIYAMSHUBELA izinto uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uDkt Nobuhle Nkabane, njengoba iPhalamende selimbekele umnqamulajuqu wokuthi adalule bonke abantu ababeyingxenye yethimba elalimluleka ngokuqokwa kosihlalo bamabhodi ama-Sector Education and Training Authorities (SETAs). Lokhu kulandela izinsolo zokuthi kukhona amagama awashiya noma awakhipha ngesikhathi ehambisa uhlu lwalaba bantu, ekomitini lalo mnyango ePhalamende ngedlule.

Izolo, ekhuluma nabezindaba, uSihlalo wekomiti uMnuz Tebogo Letsie, uthe bafuna lonke ulwazi olugcwele mayelana nethimba aliqoka elalimluleka ngabantu okumele abaqoke kuma-SETA. Lokhu kulandela isikhalazo esavela ezinhlakeni ezehlukene kubalwa namanye amaqembu ezepolitiki ePhalamende, ngamagama abantu ababeqokwe nguDkt Nkabane kuma-SETA, okubalwa osopolitiki abaziwayo abayi-ANC.

Lezi zikhalazo zaphoqa uDkt Nkabane ukuthi agcine eluqala kabusha lolu hlelo lokuqoka abama-SETA.

ULetsie uthe bafuna yonke imininingwane besuka beqokwa labo abasethimbeni likaDkt Nkabane, kuya emihlanganweni ababe nayo, imali ababezoyihola nolunye ulwazi.

"Sifuna bachaze neqhaza labo kuleli thimba. Sifuna uDkt Nkabane azophendula ePhalamende noma singakalutholi usuku azovela ngalo ngenxa yokuthi iPhalamende limatasa nokuphasisa isabelomali," usho kanje.

Uveze ukuthi bafuna ukuthola kabanzi kuDkt Nkabane ngoba omunye wabantu athi babesethimbeni, ukuchithile lokhu.

"Lokhu kuqubula imibuzo eminingi yingakho sithi kumele azosichazela. Simnike kuze kube uJuni 25 (kusasa), ukuthi aphendule imibuzo yekomiti ngamanye amagama okubonakala ukuthi acishiwe encwadini enamagama asithumelele yona," usho kanje.

Uthe uma kungukuthi uDkt Nkabane ubekwa amacala ngokudukisa iPhalamende, angabhadla ejele izinyanga ezingu-12.

"Simatasa sixoxa nethimba labameli basePhalamende ngalolu daba olusematheni." 

NoMengameli Cyril Ramaphosa wafuna umbiko ogcwele kuDkt Nkabane ngalolu daba kanjalo nangesikhalazo esavela ngendlela aziphatha ngayo ngesikhathi evele ngaphambi kwaleli komiti, ebuzwa ngalolu daba.