Izindaba

Ingwadla kubasizi bothisha ezikoleni abangakhokhelwe

Mhlengi Shangase|Published

kukhokhelweni kwabasizi bothisha ezikoleni ababalelwa ku-200 000 kuleli, uMnyango weMfundo eyisiSekelo, othembise ukuthi uyayilungisa eyokuthi bakhokhelwe ngokushesha.Okhulumela umnyango uMnuz Elijah Mhlanga, uthe laba basizi bazokhokhelwa ngezikhawu ngoba uhlelo lokubahlonza luthatha isikhathi.

Image: Pixabay

UBIKE izinkinga ekukhokhelweni kwabasizi bothisha ezikoleni ababalelwa ku-200 000 kuleli, uMnyango weMfundo eyisiSekelo, othembise ukuthi uyayilungisa eyokuthi bakhokhelwe ngokushesha.

Okhulumela umnyango uMnuz Elijah Mhlanga, uthe laba basizi bazokhokhelwa ngezikhawu ngoba uhlelo lokubahlonza luthatha isikhathi.

Ezinye zezinkinga azibalile ngukuthi kwezinye izifundazwe kube nezinselelo ezehlukene ezenze bangakwazi ukubakhokhela.

"KwaZulu-Natal kube nokubambezeleka ekutheni bakhokhelwe ngenxa yesiteleka sothisha ebesikhona kanjalo nezinye izinto. E-Eastern Cape naseLimpopo kube nezikhukhula kanti ezinye zezikole zisemakhaya okwenze bangakwazi ukuletha yonke imininingwane ngesikhathi ukuze bakhokhelwe," kusho uMhlanga.

Uthe abanye abakhokhelwanga ngenxa yokuthi omazisi babo kanjalo nemininingwane yasebhange akuhambisani.

"Siyazi ukuthi lezi zinkinga zibacasulile abaningi kodwa kumele sicubungulisise. Sisebenzisa uhlelo olulodwa lokukhokha olubheka wonke umuntu eMnyangweni wezaseKhaya," usho kanje.

Uthe ngale ndlela bafuna ukuqinisekisa ukuthi akubi nenkohlakalo eyenzekayo.

"Asifuni ukukhokhela izipoki noma kune nenkohlakalo eyenzekayo yingakho sisebenzisana neminyango ehlukene. Siyalazi iqhaza labasizi ezikoleni zethu."

Uthe mkhulu umsebenzi abawenzayo wathi yingakho bezoqikelela ukuthi bonke bayakhokhelwa ngomsebenzi wabo.

Kuzokhumbuleka ukuthi lolu hlelo lwaqhamuka noMengameli Cyril Ramaphosa ukuze lunike intsha engasebenzi isipiliyoni njengoba siphezulu isibalo sentsha engatohozi.

Lungaphezu kweminyaka emine lukhona lolu hlelo kanti abasiza ezikoleni benza imisebenzi ehlukene.

Bathula umthwalo kothisha ababhekene nokufundisa amakilasi agcwele. Kwezinye izifundazwe azivalwa izikhala zothisha abasuke beye emalivini ngenxa yezinkinga zemali.

Le nkinga yemali yenza nokuthi zingavalwa izikhala zabanye abasebenzi basemahhovisi okwenza kube nzima uma sekumele kuhanjiswe izinto ehhovisi elikhulu ngoba abasebenzi bayashoda.