UNGQONGQOSHE weMfundo ePhakeme uDkt Nobuhle Nkabane
Image: Facebook
LUVIKELE uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uDkt Nobuhle Nkabane, uphiko lwentsha lwe-ANC, emuva kokuba i-DA imvulele icala ngokuqamba amanga nokudukisa iPhalamende.
I-DA ikhale ngokuthi umengameli Cyril Ramaphosa akafuni ukumthathela izinyathelo uDkt Nkabane, ngoba esesigungwini esiphezulu se-ANC.
Ithe uDkt Nkabane wakhohlisa iPhalamende ngokuqokwa kwekomiti elajuba ababezohola ama-SETA njengoba ajuba abantu be-ANC.
Unobhala we-ANC Youth League, uMnuz Mntuwoxolo Ngudle, uthe izwe likhululekile akukho lapho kuthiwa ngeke ujube umuntu othile ngoba eseka iqembu elithile lezepolitiki.
Uthe izwe libuswa ngemithetho wathi abantu akumele badukiswe.
"Asingavumeli ukuthi kuhlaselwe owesifazane omnyama, osemncane ngoba engungqongqoshe. Sisola isandla semfene ekuhlaselweni kukaDkt Nkabane," usho kanje.
Uthe indlela ahlaselwa ngayo kucacile ukuthi yinto ehleliwe.
Okhulumela i-DA uNksz Karabo Khakhau, uthe ngeke bahlale basonge izandla ekubeni bebona inkohlakalo yenzeka.
UDkt Nkabane waluqala kabusha uhlelo lokuthi kuqokwe abazohola ama-SETA emuva kokuqubuka kwemvunge ngalolu hlelo.
Selokhu aluhoxisa ugxekwa ngapha nangapha abafuna axoshwe esikhundleni nguRamaphosa.
URamaphosa akakathi vu ngesinqumo azosithatha ngoDkt Nkabane njengoba agcina efune umbiko ogcwele ngokwenzeka.
Wanconywa kakhulu uDkt Nkabane ngesikhathi ethatha izintambo kulo mnyango nyakenye emuva kokhetho njengoba ehlonishwa ngeziqu nangeqhaza lakhe kwezemfundo, futhi usemncane.
Related Topics: