Izindaba

Kusolwa ukuhamba kukagesi kuphuma isidumbu

Zimbili Vilakazi|Published

UMUFI uMnuz Vuyolwethu Mpathane

Image: SITHUNYELWE

KUKHALWA ngogesi ohamba njalo eSwapo, eCopesville, eMgungundlovu, owesilisa engqongqa nendlu ngoLwesine olwedlule.

Lesi sigameko okuthiwa senzeke osukwini lwesibili kuhambe ugesi kule ndawo, sidlule nomphefumulo kaMnuz Vuyolwethu Mpathane (27), ongowokudabuka eMount Ayliff, e-Eastern Cape. 

Isihlobo sikamufi uMnuz Aphiwe Khumalo, sithe basola ukuthi umlilo othathe impilo yakhe udalwe yikhandlela.

“Esinye sezihlobo ebezilele kwelinye ikamelo endlini yesigameko,sithe sifike ekhaya ebusuku, saqaphela ukuthi ukhanyise ikhandlela njengoba ugesi bese kuphele izinsuku ezimbili uhambile,” kusho uKhumalo.

Uthe lesi sihlobo siphaphanyiswe wukuzwa ukushisa okuxakile, kwathi uma sivula amehlo, sakhangwa amalangabi ekamelweni likamufi. 

Uveze ukuthi bazame ngokubambisana nomakhelwane ukucisha umlilo, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya ngoba ubusumkhulu kakhulu.

Uthe okwenzekile kubaphathe kabi ngoba kuwumphumela kagesi ohluphayo endaweni.

Uqhube wathi isidumbu sesihlobo sakhe, akusona esokuqala ukuphuma ngenxa kagesi.

Ukhale nangokuthi abazi ukuthi bazothathani bahlanganise nani njengoba kudlule umufi ngokuzuma, obekuthenjelwe kuye.

Uthe phakathi kwezinhlelo abafisa ukusizwa ngazo wukuhanjiswa kwesidumbu e-Eastern Cape, ukuhlangatshezwa ngosizo lwezokuthutha ukusuka eMgungundlovu kuyiwa kulesiya sifundazwe kanjalo nomngcwabo.

Uphinde wazwakalisa ukuthi bayaludinga usizo lwendlu njengoba le okwenzeke kuyo isigameko, ingqongqile. 

Ikhansela lendawo uMnuz Sphamandla Madlala lithintwa, lithe liyazi ngodaba, lathi lithumele amakomiti emva kokubikelwa ngalo.

“Besishiye umyalezo wokuthi uma sebehlangene njengomndeni, babona ukuthi badinga luphi usizo, basazise, sizobe sesibona ukuthi singenelela kanjani ngezinhlelo zikamasipala ezisiza abantu abasuke behlelwe yinhlekelele yalolu hlobo,” kusho uMadlala.

Mayelana nokunikwa usizo lwendawo yokufihla ikhanda, uthe baye baludlulisele emnyangweni wezinhlekelele kumasipala udaba olufuze lolu, bese wona ubona ukuthi ungasiza kanjani.

“Mayelana nokuhlushwa wugesi ewadini, isimo asisibi kangako uma sisiqhathanisa nakwezinye izindawo. Thina kusuke kuthintekile nje izintambo zikagesi, bese sibiza abawulungisayo, bazolungisa isimo masinyane,” usho kanje.