KUSALE kunje kusha imijondolo yaseCrossmoor, eChartsworth, okufe ababili
Image: ETHEKWINI MUNICIPALITY
KUFE ababili ngesikhathi kuqubuka umlilo emijondolo yaseSukamuva eCrossmoor, eChatsworth.
Kulesi sehlo kuphinde kwasala inqwaba ingenayo indawo yokufihla ikhanda kulandela ukusha kwemijondolo yayo.
Ngokusho kwesitatimende esikhishwe uMasipala weTheku emva kwesigameko, umlilo uqale ngabo-11 ebusuku, washa kwaze kwaba yizintatha zangoMgqibelo.
“Ucekele phansi imijondolo ebalelwa ku-15, wathatha umphefumulo wabantu ababili,” kusho isitatimende.
Sithe imindeni engu-22, okukhona kuyo nezingane ezincane, esale dengwane.
Siqhube sathi abophiko lwezinhlekelele, banikele endaweni yesigameko khona ebusuku, bagcine bekwazi ukuwunqoba umlilo, base besiza abagilwa ebebekhahlamezekile.
“Imbangela yomlilo engakaziwa, isaphenywa,” sisho kanje isitatimende.
Siqhube sathi kukhona usizo olunikwe abagilwa masinyane olufana nokudla, izingubo zokulala nendawo yokufihla ikhanda okwesikhashana.
Khonamanjalo: Kufe owesilisa oyedwa ngesikhathi umjondolo wakhe ushiswa umlilo e-Avoca Hills, eThekwini izolo.
Lokhu kushiwo okhulumela inkampani yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA), uMnuz Prem Balram.
Uthe bathole ucingo lubabizela endaweni yesigameko esemgwaqweni uGreenfield Avenue, ezintatha zayizolo.
“Sibikelwe ukuthi kukhona umjondolo oshayo futhi kukhona abantu abavaleleke phakathi. Ngesikhathi onogada befika batshelwe ukuthi kukhona owesifazane oshe kanzima, waphuthunyiswa esibhedlela,” kusho uBalram.
Uthe babe sebethola ukuthi isoka lakhe elineminyaka engu-28 lona liphangalele emlilweni.
“Umjondolo ubushe wonke. Imbangela yomlilo ibingakaziwa,” usho kanje.
Related Topics: