Izindaba

Ikhwelo kwanda isihlava sokubulawa kwabesifazane ngesihluku

INTATHELI YESOLEZWE|Published

UNKSZ Nokulunga Mashabane

Image: FACEBOOK

IHLABE ikhwelo i-EFF KwaZulu-Natal ukuthi ukubulawa ngesihluku kowesifazane obesebenza kuMasipala waKwaDukuza, kungagcini ngokwengeza izinombolo zabalahlekelwa yimpilo yabo ebugebengwini kodwa kwenziwe okuthile ngesigameko.

UNksz Nokulunga Mashabane (32) ongowokuzalwa KwaMshibe KwaMaqumbi, KwaMaphumulo, utholwe ebulewe emotweni yakhe, iHyundai Creta SUV, emgwaqweni ongaseZinkwazi, phakathi kweKwaDukuza neMandeni.

Kuthiwa ubulawe ngokudutshulwa kanti abafike kuqala endaweni yesigameko kuthiwa bathi uficwe ephangalalele esihlalweni somshayeli, kwangathathwa lutho.

Ushona nje, ubeseyimenenja ye-Intergovernmental Relations and Protocol, ehhovisi lemeya yalo masipala, okuthiwa waqala ukusebenza kuwo ngo-2019.

USihlalo we-EFF KwaZulu-Natal, uMnuz Mongezi Twala, uthe isigameko sokubulawa kukaNksz Mashabane ngesihluku, kuyisikhumbuzo sokuthi sibi kangakanani isihlava sokubulawa kwabesifazane ngesihluku. 

“Sithi akwenziwe uphenyo olunzulu ngokuholele ekutheni umufi abulawe. Ubulungiswa kufanele benzeke masinyane, kuthi labo abathintekayo, babhekane nengalo yomthetho,” kusho uTwala.

Esitatimendeni esikhishwe uMasipala waKwaDukuza, iMeya uMnuz Ali Ngidi, uthe izindaba zokufa kukaNksz Mashabane ngesihluku zethuse wonke umuntu.

Uthe bebekade begcinane ngayizolo, komunye wemicimbi ebiyenziwe umasipala, wathi bebevumelene ngokuthi bazobonana komunye obuhlelelwe uLwesihlanu.

“Emva kokuthola umbiko wokushona kwakhe, angibange ngisaba nawo amandla okuya kuwo futhi ngivele ngahlehlisa zonke izinhlelo ebenginazo zosuku,” kusho uNgidi.

Umchaze njengomuntu wesifazane obemnene, ehlonipha futhi esebenza ngokuzikhandla. 

“Ubemnene ngendlela yokuthi ubengeke abulale ngisho impukane yize kunjalo, ubulawe ngesihluku,” usho kanje.

Ube esexwayisa labo asebeqalile ukuqagela ngokubulawa kwakhe ukuthi abadedele amaphoyisa enze umsebenzi wawo ngale kokuphazanyiswa.

ILALE ngokhakhayi kanje imoto yowesifazane odutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu

Image: REACTION UNIT SOUTH AFRICA

Udlulise amazwi enduduzo emndenini, abangani, izihlobo, kanjalo nozakwabo. 

Khonamanjalo: Ushonele endaweni yesigameko omunye wesifazane, odutshulwe ngabantu abangaziwa ngoyaba lwezinhlamvu eZindlovini, eNdwedwe, ngoMgqibelo.

Ngokuthola kweSolezwe, lona wesifazane kuthiwa ubengusomabhizinisi kanti ubesebudlelwaneni bezothando nowesilisa ongusomatekisi.

Ngokusho kokhulumela inkampani yonogada iReaction Unit South Africa (Rusa), uMnuz Prem Balram, umufi uthelekelwe abasolwa ngesikhathi ehamba ngeVW Tiguan yakhe emgwaqweni uP100. 

“Onogada bethu babizwe endaweni yesigameko umphakathi ngesikhathi imoto kamufi, igingqika, iyolala ngokhakhayi emzini womuntu oseduze nomgwaqo ehlaselelwe kuwo,” kusho uBalram.

“Oshaye ucingo uqinisekise ukuthi kukhona owesifazane oyedwa ovaleleke ngaphakathi emotweni, wathi abanaso isiqiniseko sokuthi ulimele kangakanani,” kusho uBalram.

Uthe ngesikhathi befika endaweni yesigameko, abezimo eziphuthumayo beRusa, bambhekile lona wesifazane, bathola ukuthi usephangalele. 

“Umzimba wakhe ubumbobombobo yizinhlamvu,” kusho uBalram, othe kutholwe amagobolondo ezinhlamvu ayishumi endaweni yesigameko.

Sishicilele amaphoyisa engaphendulanga ngalezi zehlakalo.