UMSHINI wokwenza utshwala obungumbombayi otholwe emzini womsolwa
Image: KZN SAPS
KUHLATSHWE ikhwelo kwabadayisa utshwala lokuthi baqinisekise ukuthi babeka phambili ukuphepha kwabantu, bangadayisi utshwala obungumbombayi.
Lokhu kushiwo okhulumela inhlangano iNational Liquor's Traders, uMnuz Lucky Ntimane, kulandela ukushaqwa kotshwala obudume ngokuthi wumzambiya obungumbombayi eKlaarwater, eMariannhill, ngasePinetown, ngoLwesibili. Uthe sikhulu isidingo sokusebenzisana phakathi kwemboni yotshwala, imiphakathi kanjalo nezinhlaka zomthetho.
Ngokusho kwamaphoyisa, bungabiza inani lasemgwaqweni elingu-R250 000 lobu tshwala bohlobo lweSmirnoff esiwumzambiya esitholwe ngamaphoyisa kulo muzi.
UNtimane uthe lokhu kuveza ngokusobala ukuthi sikhulu isidingo sokuthi izinhlaka zibambisane.
UTSHWALA obungumbombayi obutholwe emzini kamsolwa
Image: KZN SAPS
“Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi ziyancishiswa izephulamthetho. Ukuncishiswa kwazo kuzosiza ekutheni kuphele nya ukudayiswa kwalobu tshwala obungafanele,” kusho uNtimane.
Uphosele inselelo abanye abahwebi botshwala abasemthethweni ukuthi yibo okufanele bahambe phambili ekuqinisekiseni ukuthi utshwala obudayiselwa umphakathi ngobufanele.
AMABHODLELA otshwala obungumbombayi atholwe emzini kamsolwa
Image: KZN SAPS
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, uthe amaphoyisa ashaqe utshwala obuwumbombayi obungabiza u-R250 000 eKlaarwater, eMariannhill ngoLwesibili.
Udalule ukuthi amaphoyisa abe esebopha owesilisa oneminyaka engu-31, okuthiwa uvele eNkantolo yeMantshi yasePinetown, ngoLwesithathu.
Elandisa ngalokhu, uthe amaphoyisa ophiko lweProvincial Organised Crime Unit (Narcotics) elekelelwa awophiko lweProvincial Drug and Firearm Unit kanjalo naweProvincial Counterfeit Goods Unit, athole umkhondo ngokukhiqizwa nokudayiswa kukatshwala obuwumbombayi.
“Bathe uma besesha umuzi ebebenikwe umkhondo ngawo, bafica owesilisa oneminyaka engu-31, abavele bambopha khona lapho ngecala lokuphula umthetho katshwala, nowezimpahla ezingombombayi,” kusho uNaicker.
Uqinisekise ukuthi babe sebethola utshwala obuwumbombayi obungabiza u-R250 000 uma budayiswa emgwaqweni.
UCaptain Carmen Rhynes osophikweni lwezokuxhumana emaphoyiseni esifundeni seTheku, uthe abakalwazi usuku okuhlehlele kulo icala likamsolwa njengoba idokodo lingakabuyi enkantolo. Ucwaningo lwakamuva lweDrinks Federation of South Africa (DF-SA), luveza ukuthi u-18% wabo bonke utshwala obudayiswa kuleli buwumbombayi.
Related Topics: