Izindaba

Bazongena bagamanxe emaphaketheni abashayeli kusukela kusasa

Nonkululeko Nhlapo|Published

Bazongena bagamanxe emaphaketheni abashayeli kusukela kusasa

Image: SIGCINIWE

Iqala kabi inyanga kaNtulikazi njengoba abashayeli bezimoto kuzomele bangene bajule emaphaketheni abo.

Lokhu kuza njengoba kulindeleke ukuthi intengo kaphethiloli inyuke phakathi kwamabili.

93 unleaded no-leaded uzonyuka ngo-55c ilitha

95 leaded no-unleaded uzonyuka ngo-52c ilitha

Zombili izinhlobo zikadizili zizonyuka ngo-82 no84c ilitha

Upharafini okhanyayo uzonyuka ngo-67c ilitha