Bazongena bagamanxe emaphaketheni abashayeli kusukela kusasa
Image: SIGCINIWE
Iqala kabi inyanga kaNtulikazi njengoba abashayeli bezimoto kuzomele bangene bajule emaphaketheni abo.
Lokhu kuza njengoba kulindeleke ukuthi intengo kaphethiloli inyuke phakathi kwamabili.
93 unleaded no-leaded uzonyuka ngo-55c ilitha
95 leaded no-unleaded uzonyuka ngo-52c ilitha
Zombili izinhlobo zikadizili zizonyuka ngo-82 no84c ilitha
Upharafini okhanyayo uzonyuka ngo-67c ilitha