IMOTO okuthiwa ishiswe ngowesilisa obekweletwa u-R200
Image: REACTION UNIT SOUTH AFRICA
KUTHIWA uphethe ngokungqongqiswa kwemoto umbango wesikweletu sika-R200 eWaterloo, eVerulam, eThekwini, ngeSonto.
Ngokusho kokhulumela iReaction Unit South Africa (RUSA), uMnuz Prem Balram, umgilwa wesifazane okushiswe imoto yakwakhe, utshele abale nkampani yonogada ukuthi ubezihlalele ekhaya lakhe ngesikhathi kufika umakhelwane wesilisa, efuna ngodli u-R200 athe wawubolekwe umyeni wakhe.
“Lona wesilisa ube esekhipha isibhamu, esabisa ngokuthi uzodubula umnyango uma imali yakhe ingakhokhwa futhi engavulelwa. Lona wesifazane ube esefonela umyeni wakhe emazisa ngobekwenzeka,” kusho uBalram.
Uthe umyeni kalona wesifazane uvele wamkhokhela lona wesilisa obezobasela isikweletu.
Uveze ukuthi ubesezitshela ukuthi konke sekudlulile lona wesifazane ngesikhathi lona wesilisa ephinde ebuya emva kwamahora ambalwa, efuna ukungena ngodli endlini.
“Kuthe uma abangaphakathi befonela izinhlaka zomthetho, lona wesilisa uvele waya emotweni iVW Jetta ebipake egcekeni, wabulala iwindi, wayishisa imoto,” kusho uBalram.
Uthe emva kwalokho, lona wesilisa uqede lapho wakhala amaphepha, wangaphinde wabuya.
Related Topics: