Izindaba

Badedelwe ngetshe lemali abasolwa ngenkohlakalo yaseTransnet

Nonkululeko Nhlapo|Updated

Abasolwa abebeyizikhulu zakwaTransnet ecaleni lokukhwabanisa

Image: NPA

Ababeyizikhulu zakwaTransnet u-Anoj Singh, Brian Molefe, Siyabonga Gama, noThamsanqa Jiyane bavele eNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge ngamacala enkohlakalo nokukhwabanisa imali efinyelela ku-R5.18 billion.

Bonke abammangalelwa bazinikele emaphoyiseni namhlanje ekuseni ngaphambi kokuba bavele enkantolo.

Umbuso uveze ukuthi laba babekwe amacala okukhwabanisa, inkohlakalo, ukwephula i-PFMA kanye nokwephulwa koMthetho Wezinkampani.

Badedelwe ngebheyili kaR50 000 umuntu eminye ehambisana nemibandela, eminye yawo ukunikela emaphoyiseni izincwadi zezokuvakasha.

Icala lihlehliselwa umhla ka6 Okthoba lapho umbuso uzovezela khona abammangalelwa idokodo lecala.