UMNUZ Siyabonga Gama noMnuz Brian Molefe, ababekwaTransnet, badedelwe ngebheyili umuntu emunye izolo, ngamacala athinta ukuthengwa kwezitimela kule nkampani
Image: SIGCINIWE
IQEMBU Umkhonto weSizwe Party (MK) lizwakalise ukungagculiseki ngokukhethwa kwephela emasini uma kushushiswa osopolitiki abasolwa ngamacala okukhwabanisa, inkohlakalo kanjalo nawokushintshisana ngemali.
Lokhu kushiwo okhulumela iqembu, uMnuz Nhlamulo Ndhlela izolo, kulandela ukudedelwa ngebheyili ka-R50 000 umuntu emunye kukaMnuz Brian Molefe noMnuz Siyabonga nabanye ababili.
UMolefe noGama, abangamalungu eMK ePhalamende likazwelonke, basolwa ngokukhwabanisa u-R93 million wethenda yakwaTransnet, abasolwa ngayo eminyakeni ebalelwa kweyishumi eyedlule.
Laba ababili kuthiwa bazihambise bona emaphoyiseni izolo ekuseni, kwalalelwa isicelo sabo sebheyili eNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge eGoli.
UNdhlela uthe nakuba bekuqonda ukuthi ukuboshwa kwabo kusuka ezinsolweni zokwenzeka besasebenza eTransnet kodwa kukhona abadinga ukukucacisa ngalokhu osekuhlaluka manje.
“Nakuba sazi ukuthi ingalo yomthetho kufanele yenze umsebenzi wayo ngaphandle kokungabaza, kodwa sikhathazekile ngalokhu esikubona kubukeka sengathi kuwukukhetha iphela emasini,” kusho uNdhlela.
Uthe sekuhleli obala ukuthi ngaso sonke isikhathi uma iMK izama ukuqinisekisa ukuthi abantu abathile bezepolitiki abenza okungafanele bayajeza, kuba khona ukuziphindiselela okuba khona okubhekiswe emalungwini eqembu.
Uqhube wathi bayakuqaphela nokuthi kukhona umkhankaso wokucekela phansi obhekiswe kubantu abayizifundiswa nabayizincithabuchopho bebala elinsundu, ikakhulukazi labo abaziyamanisa neqembu iMK ababesebenzela izinkampani zikahulumeni ezehlukene, okukhona kuzo neTransnet.
Uvese ukuthi lokhu okwenzeka manje, kuyafana nalokhu okwenzeka kuMengameli weqembu uMnuz Jacob Zuma.
Uthe bayethemba ukuthi ukuqulwa kwaleli cala ngeke kube nokugxambukela kwezepolitiki.
Icala lihlehliselwe u-Okthoba 6, kuwo lo nyaka.
UMolefe ekhuluma nabe-eNCA ngaphandle kwenkantolo, uthe bahlela ukuwaphika wonke amacala ababekwe wona.
Uphinde wezwakalisa ukungagculiseki ngokuhamba kancane kophenyo.
Ukhale ngokuthi icala kuthiwa lenzeka ngo-2012, bavulelwa icala ngo-2017, kodwa uMbuso usadinga ezinye izinyanga ezimbalwa ukuqhubeka nophenyo njengoba icala lihlehliselwe u-Okthoba.
Kwenzeka lokhu nje, ngoLwesihlanu, i-ANC iveze ukuthi amalungu ayo okungoMnuz Malusi Gigaba, Zizi Kodwa, David Mahlobo noCedric Frolick atholwe emsulwa yizinhlaka zokuqondiswa ubugwegwe zangaphakathi eqenjini.
Laba abane bavela kwiKhomishini yeJaji uRaymond Zondo ukuthi bazibandakanya ezenzweni zenkohlakalo, ukushintshana ngemali nokuzihlanganisa namathenda angafanele.
Related Topics: